UMaMkhize uyangcebeleka

85

LUCKY CAINĀ 

LUKHUZA ibuya kumabonakude esiteshini se-internet esingaphansi kwe-Multichoice, iShowmax, uhlelo, KwaMaMkhize, olumayelana nempilo yenji-nga yesifazane, uShauwn Mkhize (osesithombeni), ongusomabhizinisi ophinde abe ngumnikazi weqembu lebhola iRoyal AM. 

   Lolu hlelo olube nedumela lusakhonjiswa isizini yokuqala kwiMzansi Magic, kulindeleke lubonakale kwiShowmax ngoZibandlela (December) nonyaka. Ngesikhathi luvezwa okokuqala, uMaMkhize watshela leli phephandaba ukuthi inhloso yalo

wukuzethula kubantu njengoShauwn Mkhize, 

njengoba wayedume ngelikaShauwn Mpisane, okwakuyisibongo somyeni wakhe (uSbu). 

Wakuveza kuleli phephandaba ukuthi yafezeka inhloso yakhe ngalolu hlelo njengoba abantu sebemazi ngoMaMkhize, okuyisibongo ayesefuna ukuduma ngaso. Ngokuthola kweLANGA,  kulokhu lolu hlelo luzogxila empilweni kaMaMkhize eqhubeka namabhizinisi nokuba ngugogo kubazukulu bakhe 

abazalwa yindodana 

yakhe u-Andile Mpisane. 

   Kulolu hlelo kulindeleke ukuthi umakoti ka-Andile, uTamia Mpisane, osanda kubeletha ingane yesibili, 

abe yingxenye yalo.
   UTha Simelane ongu-bhululu walo 

somabhizinisi,

usazoqhubeka nokubonakala kulona, okubalwa naye u-Andile noSbahle Mpisane oyindodakazi yakhe uShauwn. 

  UMaMkhize kulokhu uveze ukuthi isizini yokuqala yohlelo lwakhe, yahamba kahle, wakuzuza ayefisa ukukuzuza. 

  ā€œManje sengikhulile futhi sengingugogo. ngakho ababukeli bazobona olunye uhlangothi ngami 

nangendlela engixhumana ngayo nabo,ā€ esho. Uthe kulolu hlelo uzobe evuleleka ukuze abantu bamqonde kangcono, kuphinde kusuke nezinkolelo zokuthi kuhamba kahle yonke into empilweni yakhe. 

   ā€œAbantu banesithombe sokuthi impilo yami ihlale ibuthebelele kanti kakunjalo. nami ngiyabhekana nezingqinamba. Ngenhlanhla ngiphinde ngi-kwazi ukudlula kuzona ngoba siyisibonelo kubantu abaningi,ā€ kusho yena esitatimendeni esikhishwe yilesi siteshi mayelana nokubuya kwalolu hlelo. 

    UMaMkhize uhlale esematheni kwabezindaba njengoba kuyimanje kusenodaba oluthinta iqembu lakhe nowabe engumgadli walo, uSamir Nurkovic, lapho kumele akhokhele lo mdlali imali elingani-selwa ku-R12 million

   Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni ambalwa adlule lo somabhizinisi uphinde waba sematheni ngesikhathi iSars ibamba ezinye zezimpahla zakhe ngenxa yokukweleta intela.

Previous articleImibuzo ngonogada bakangqongqoshe obanjwe inkunzi
Next articleBasenethemba lokuyitholaĀ  iphila ingane enyamalele