UMashatile ushaye indesheni kwabe-IFP

669

PHUMLANI GAMA

USHAYE indesheni kubaholi be-IFP ukuba babambisane nohulumeni wakhe uMnu Paul Mashatile oyisekela-mengameli laseNingizimu Afrika ngesikhathi kuqhutshwa amalungiselelo omsebenzi wokutshalwa kukaNdunankulu kaZulu, ongumsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi ebizwe ngoyisemkhulu ngoMgqibelo. 

UMnu Paul Mashatile ubedlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaButhelezi namuhla kusihlwa. 

Uthe kuningi angakukhuluma ngeNkosi uButhelezi, kodwa unxusa ukuba kubanjiswane phakathi kwabaholi be-ANC nabe-IFP. “UMntwana waKwaPhindangene siyamazi, usebenze kakhulu nabaholi be-ANC. Kuze kwaba uyahamba emhlabeni enephupho lokuba kubuyiswane phakathi kwala maqembu. Ngicela sisebenzise leli thuba ukufeza iphupho loMntwana. Uhulumeni unqume ukumhlonipha ngomngcwabo osesigabeni sokuqala ngenxa yamagalelo akhe, esebenzela isizwe,” kusho uMnu Mashatile.

Previous articleKugqame umoya wokuzwana kwabe-ANC bane-IFP KwaPhindangene
Next articleInyakazise i-EFF inkulumo yowe-ANCYL ngabokufika