NONHLAKANIPHO SHINGA
KUXWAYISWE umphakathi wa KwaHlabisa namaphethelo ngemililo yequbula okukhalwa ngokuthi inomthelela esimeni sezulu esinezikhukhula ezibhubhise emasontweni edlule eThekwini, zashiya abaningi beshonile. Lokhu kuvele ngesikhathi umasipala iBig 5 Hlabisa wethula isabelo mali esibalelwa ku R200 million. IMeya kulo masipala uMnuzComfort Khumalo, uveze ukuthi banovalo ngemililo yequbula eshiswa ezinkalweni ngoba ongoti bakhala ngokuthi ingcolisa umkhathi. “Sinenkinga yokuthi umkhathi wethu ungcolile, nokuyinto ezosiqhatha nezikhukhula esizibone zibhubhisa ezindaweni ezihlukene esifundazweni iKwaZulu-Natal, kodwa zenza umonakalo omkhulu kakhulu eThekwini.
“Esesikwenzile, sesiqale izinhlelo zokuba sifundise abantu bakithi ngokongiwa kwemvelo nokugcina izindawo zethu zihlanzekile. Lokhu sikwenze ngokuthi sithenge iloli eliqoqa imfucuza ngemali engango-R2.4 million. Senzela ukuba zonke izindawo zihlanzeke kugwemeke nemfucuza egcina igcwala amapayipi okuhamba kuwo amanzi,” kuchaza uMnu Khumalo. Uthe umphakathi wakwaHlabisa ushayekile ngezikhukhula zase-Thekwini njengoba kunamalungu omndeni amahlanu ashonela eClermont, adabuka eHluhluwe.
Ngaphandle kwalokho uMnu Khumalo ubenochungechunge lokuhambela imiphakathi eyehlukene echaza ngezinhlelo zentuthuko. Phakathi kwezindawo azihambele kuseZibayeni, kwaMakhasa nakwaMdukwa. Uchaze nangohlelo lwezindlu ezakhelwe umphakathi wesizwe seNkosi uBonga Mdletshe. Ngaphandle kwalokho kunxenxwe nosomabhizinisi bendawo ukuba baqinise ekutshaleni imali emphakathini ukuze kugwemeke isibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi abanye abagcina beyozama amatoho ngaphandle.
UMengameli we-IFP obeyingxenye yalo mcimbi, uMnuz Velenkosini Hlabisa, unxuse ukuba bonke omasipala baqale izinhlelo zokugwema ukungcolakomkhathi ukuze kugwemeke izikhukhula ezinolaka. UMnu Hlabisa uthe kumanje kunombiko wenhlangano yezizwe wokuthi ngonyaka ka 2050 iNingizimu Afrika izobhekana nezikhukhula ezimbi ezizobe zihlasela inyanga nenyanga. “Lezi zikhukhula esizibone eThekwini ngokombiko wenhlangano yeZizwe, sezizohlale zihlaselanjalo ngenyanga. Lokho kusibeka engozini embi uma singayivikeli imvelo. Ngakho siyacela ukuthi lapha kwaHlabisa niqinise kulezi zinhlelo zokufundisa umphakathi ukongiwa kwemvelo kusho uHlabisa.nonhlakaniphos@ilanganews.co.za