UMavundla ubuyiselwe yinkantolo kwesobumeya

244

NONHLAKANIPHO SHINGA

SEZIPHENDUKE inkundla “kasuka ngiqhwakele” izikhundla ezibalulekile kuMasipala uMvoti njengoba uMnu Mfundo Masondo ongusomlomo noMnu Philani Mavundla (osesithombeni) oyimeya bebuyiselwe yinkantolo emuva kokukhishwa ngevoti ngeledlule. UMasondo noMavundla bakulezi zikhundla ngethikithi le-Abantu Botho Congress (ABC). 

Kwenzeke obekungalindelekile emhlanganweni oyisipesheli obukulo masipala ngoLwesibili olwedlule,  ngesikhathi amakhansela e-ANC evota nawe IFP, okuholele ekukhishweni kukaMasondo noMavundla ezikhundleni. Umhlangano wangeledlule, ububizwe nguNkk Bongiwe Sithole-Moloi – okubukeka simgeja isikhundla abesiphethe sokuba ngungqongqoshe wezokubusa ngokuba-mbisana nezomdabu, KwaZulu-Natal njengoba iqembu lakhe, i-ANC, lihudulwa kanzima wuMkhonto Wesizwe Party (MKP) ngamavoti okhethweni lwesifundazwe.

Bewenganyelwe nguMnu Madoda Khathide oyisekela lomqondisi kulo mnyango. Inhloso yomhlangano bekuwukukhipha uMasondo noMavundla ezikhundleni njengoba amakhansela ethe kawasakholelwa ebuholini babo. 

UNkz Ntombi Ngubane ongusihlalo we-ANC, eMvoti, uthathe esikasomlono, uMnu Gabriel Malembe – owayeyimeya ngaphambi ngaphambi kokuba umasipala uthathwe yi-ABC – wabuyiselwa kwesobumeya. Kuvela ukuthi ngaphambi kokuqala komhlangano, kunamakhansela awu-6 e-ABC awushiye phansi ngemuva kokuveza kukaMavundla ukuthi kunencwadi yenkantolo ewuchithayo. Amakhansela e-IFP nawe-ANC asalile, uKhathide waqhubeka nomhlangano. 

NgoLwesibili, uMasondo noMavundla  bebehleka bodwa njengoba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu inqume ukuthi umhlangano wangeledlule bewungekho emthethweni.

Ngokwesitatimende esikhishwe yi-ABC ngemuva kwesinqumo, ithe ijabule ngaso ngoba sikubeka kucace ukuthi uMasondo usengusomlomo, uMavundla usayimeya. 

Nangonyaka odlule kuke kwangaba nozinzo kulo masipala emuva kokuba kuxoshwe amakhansela awu-9 e-IFP abesolwa ngo-kulova emihlanganweni. La makhansela ayekhala ngobuholi bukaMasondo noMavundla, ethi baphethe umasipala sengathi yimizi yabo.Nakhona lapho, kwalamula izinkantolo ukuze la makhansela abuyele ezikhundleni zawo. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

Previous articleKusolwa izidakamizwa “kogaxwe” ithayi washiswa emuva kokubulala unina ngemfologo
Next articleUmunyu ufakazi ethula ubufakazi kwelababulawa “yizinkabi” zowayeyikhansela