THANDOLUHLE NGUBO
UBHEKISE umkhonto emalungwini eMK Party (MKP) abona sengathi ukuxoshwa komholi wawo, uMnu Jacob Zuma kwi-ANC akuhanjiswanga ngendlela uNobhala-jikele kaKhongolose, uMnu Fikile Mbalula, wathi kawakwazi ukufundisa iqembu lakhe ngokulandelwa kwemigomo ngoba kwelabo amalungu axoshwa engazi. UMbalula ubekhuluma esigcawini sabezindaba namuhla emini, lapho ebecacisa khona ngesinqumo sekomidi lokuqondisa ubugwegwe kwi-ANC, iNational Disciplinary Commitee (NDC), sokuxosha uZuma njengelungu leqembu.
Uthe yonke imigudu efanele ilandelwe ngendlela ngaphambi kokuphuma kwesinqumo, njengoba ukuhlala kwecala likaZuma kwenzeke ngezobuchwepheshe, okwakungahambisani nokukwafunwa nguMsholozi, kwazise yena wayefuna ukuziyela mathupha ekomkhulu le-ANC. “Kwi-MK abantu baxoshwa ingalandelwanga imigudu efanele. Bangobani-ke ukuthi bangafundisa abantu ngokulandelwa kwemigudu, ngoba kwabona bafunda nathi ezitatimendeni zabezindaba ukuthi kabasewona amalungu eqembu? Basuke bengazi nokuthi udaba lwabo luhlale nini ekomidin eliqondisa ubugwegwe njengoba bengenalo. I-NDC (ye-ANC) yiyo enquma ukuthi icala elisezithebeni zayo lizohlala kanjani, bese kulandelwa yonke imigudu efanele njengoba naye uZuma emthumele umuntu obemmele ngesikhathi icala liqhubeka ngezobuchwepheshe,” kusho uMbalula.
Uthe uZuma ukhombise ngayo yonke indlela ukuthi akasazimisele ngokuba yilungu le-ANC njengoba eqoke ukukulwela nangezinkantolo ukuba ngumhloli weMK, yize ayememezele ukuthi uzoyivotela kuphela ngesikhathi yethulwa ngokusemthethweni nyakenye. Uqhube ngokuthi usinqumo seNDC siyabagculisa beyiqembu.
“Ngiyazi abanye bayasho ukuthi kumele ngabe kade sathathwa isinqumo, kodwa bekumele silandele umthethosisekelo weqembu,” esho.
Uveze ukuthi ubengakaze akuphuphe ukuthi umuntu oke waba ngumengameli weqembu uyoke aqembuke, aphume inxiwa lakhe, yize kade babexoshwa abantu abanesipiliyoni kwi-ANC, kusuka kuMnu Robert Sobukwe kuya kuMnu Ace Magashule, owayengunobhla-jikelele kaKhongolose.