Uthi ingoma ethi Loliwe yaqala ukumhlanyisa isanda kuphuma
SAZI MKHWANAZI
UBABAZE indlela uZahara alawula kamnandi ngayo izwi lakhe okwenza lahlangana kahle nezinsimbi engomeni eyahlanyisa abantu ngo-2011 ethi “Loliwe” umculi wase-Uganda, oqome ukuyifudumeza le ngoma, wayi-shaya ngesigqi se-Reggae. UMC Norman, ogama lakhe langempela nguRonald Mutebi, ocula i-Dancehall ne-Reggae, utshele ILANGA ukuthi le ngoma yaqala ukumhlanyisa isanda kuphuma, wazitshela lapho ukuthi ngelinye ilanga uzoyenza kabusha. “Esengi kuqaphelile wukuthi abantu base-Afrika kabaqondi kahle ukuthi yini ingoma efudunyeziwe (cover song). Lokhu ngikusho ngoba kasesekani, kuphela sigijimela ukufudumeza izingoma zabantu bako-USA nako-England, sibukele phansi ezabakithi lapha e-Afrika.
“Le ngoma kaZahara kayideleki ngendlela emnandi ngayo, izwi lakhe limnandi kanti nezinsimbi zihlanganiswe kahle. Nomlayezo okuyona muhle kakhulu. Ngibone ukuthi ake ngishaqise abantu, ngiyishaye nge-Reggae. Akekho umuntu obekholwa wukuthi ngingayenza,” kusho lo mculi osezinze eGoli. Uthi uZahara ogama lakhe lange-mpela nguBulelwa Mkutukana uphawulile ngale ngoma, ezwakalisa ukujabula “Ngiyafisa ukuthi ngelinye ilanga siyicule ndawonye le ngoma. Okungijabulisayo wukuthi abantu baseNingizimu Afrika nabakwamanye amazwe bazwakalise ukuyithakasela le ngoma, yize abanye bengaqondi ukuthi ikhuluma ngani,” kusho yena.
Uthi waqala umculo esemncane kakhulu njengoba waba ngumklwebhi wamapuleti eneminyaka ewu-12. Wayesedume cishe i-Uganda yonke ngokuba nguDJ eneminyaka ewu-14. “Ubaba uyinkunzi yomdlali wesigingci owaziwayo e-Afrika. Ngawufunda kuyena umculo ngoba sasihamba sidlala nebhendi i-Afrigo. “Emuva kwalokho, ngajoyina iMM Disco Sound, okuyinight club yaseMissouri (e-USA),” kusho uMC Norman othi njengoba le ngoma eyikhiphe ngomhla ka-23 kuMandulo (September), yima sekuqala umsebenzi wokuyimaketha. Sebeqalile abantu ukuphawula ngale ngoma ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuzona iTwitter neYoutube. Eshalofini lakhe uMC Norman uneBest International Act ayithola kwiBeffa Awards e-UK, yiBest Chart Artist kwiHipipo Music Awards, yi-African Song Writer of the Year kwi-Afrima Awards neBest Artist Diaspora kwiHipipo. Useke washiyelana inkundla noSinging Melody ongomunye wabaklwebhi bamalupeti aba-dumile eJamaica noKevin Lyttle ongomunye wabaculi bedancehall abaziwayo khona eJamaica.