Umculi unikele ngezicathulo eyokwethula ingoma yakhe esikoleni ayefunda kusona

324

LUCKY CAIN

USHIYE abafundi besikole ayefunda kusona behleka kuvela elomhlathi umculi osanda kukhipha ingoma eshisa izikhotha ethi “Xola Moya Wami”, uMbali Ngidi (okwesokunxele kwabaqosheme) enikela ngezicathulo ngesikhathi eyokwethula le ngoma yakhe. UMbali – obuye abe ngumlingisi – ubevakashele eLockhat High School ngaseVerulam, izolo ngoMsombuluko. Ungaphansi kwenkampani ephethwe nguDJ Mngadi, iFloorspinner Entertainment.

Ekhuluma neLANGA uMngadi, uthe nakuba le ngoma – ehlanganisa uMbali, uGoonflavor noMlindo The Vocalist naye – ibisiqalile ukuzwakala emoyeni, kodwa beyilokhu ikhona intshisekelo kuMbali yokuthi abuyele esikoleni lapho konke kuqale khona kuyena.

Uthe babone kumqoka ukuthi bangafiki belambatha, kodwa kube khona nendlela yokusiza izingane ezidinga izicathulo. “Besiphethe izicathulo zesikole esinikele ngazo kubafundi abebezidinga,” kusho uMngadi.
“Kuyasithokozisa ukubona intshisekelo ekhonjiswa ngabantu ngomdanso wale ngoma ezinkundleni zokuxhumana kanti nezingane zithe nazo ngeke zisale ngaphandle njengoba noMbali ubesezifikele mathupha kuzona,” esho.

Uthe uMbali umatasa uhlela ukukhipha i-EP ungakapheli lo nyaka kanti naye useqalile ukusebanza ukukhiqiza i-albhamu yakhe njengoba kuzobe kungeyokuqala selokhu wangena kulo mkhakha. “Selokhu ngaqala bengilokhu ngikhipha ama-EP kanti kulo nyaka ngifuna ukwenza okwehlukile,” esho.

Uveze ukuthi ingoma yakhe ethi “Inja Kagogo” isiqalile ukufudumala kubathandi bobumnandi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMngadi uke wakhipha ingoma eshise izikhotha ayeyenze neqembu Ama-Siblings ethi “Uthando Lwami”. Ngakolunye uhlangothi, uMbali uke waba yingxenye yomdlalo weshashalazi wodumo iSarafina!.

Previous articleKuqhakanjiswe amathuba asemkhakheni wezokuvakasha KwaZulu-Natal kwi-Afriva Travel Indaba
Next articleAmavoti azobalelwa ezikhungweni ngaphambi kokuba athuthwe