Umdlali utakule umqeqeshi weChiefs

744

IPirates ishovele uSuthu eduze kwehlathi

SENZO SOKHELA

ULEBOGANG Manyama weKaizer Chiefs ubeyiphela endlebeni kubadlali be-Arrows okuthele izithelo eshaya igoli elenze
ezakhe zanqoba ngo-1-0 koweligi izolo ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMDLALI we- Kaizer Chiefs utakule umqeqeshi wale kilabhu abalandeli sebeqala ukunengeka bemsola ngokungabi namasu asheshayo.
IChiefs iguqise iLamontville Golden Arrows ngo-1-0 kowe-Absa Premiership izolo ngoMgqibelo ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Igoli okunqobe ngalo iChiefs livalelwe enethini nguLebogang Manyama ngomzuzu ka-94.
UManyama ushaya leli goli nje, abalandeli beChiefs bese bedinwe begane unwabu, besola
umqeqeshi u-Ernst Middendorp ngokungabi nawo amaqhinga amaningi okusiza le kiqlabhu uma isenkingeni.
Abanye bebemusho ngenhlamba bethi makahambe uma kuphela isizini, vele udlalisa ibhola
elibhedayo, elingahehi. Nokho uManyama uzijike zonke izinkulumo zabo njengoba eshaye igoli, bajabulisa okwezingane. Bavele baqhulula ingoma, bakhohlwa nayilokho abebekusho ngomqeqeshi.
Empeleni umdlalo uqale ngegiya eliphansi kungathi ayesabana la makilabhu, ingekho ebifuna ukuhlasela enye. Okucacile ngalo mdlalo wukuthi i-Arrows ibiyifunde kahle iChiefs njengoba ibishilo ukuthi inolwazi lokuthi amagoli amaningi iwathola ngama-free kick kumbe ama-corner.
Konke obekulethwa yiChiefs i-Arrows ibikuphebeza kalula. Nokho lo mdlalo kawuzange ufike kuvuthondaba njengoba ubunjimbinjimbi obekwenza abalandeli basokole ngeziwombe ezimnandi zokuhlaselwana.
Kakukho minyakazo eyethusayo eyenziwe yila makilabhu njengoba abeqinile esiswini nasemuva kungafinyeleleki kalula konozinti.
Cishe akekho unozinti wawo womabili la makilabhu onke wabamba ibhola elethusayo.
Nokho umdlalo uphele inkundla ihlokoma abalandeli be-Chiefs bejabule emuva kokuba
uManyama eshaye igoli umdlalo ususalelwe ngamanenjana ukuba uphele.
Okwenze bajabula nakakhulu wukuthi la maphuzu aphinde avula igebe elikhudlwana kwiMamelodi Sundowns ebisanda kulinciphisa.
IChiefs izama ukuhlwitha iligi kwiSundowns ebuye iphazanyiswe wukubamba iqhaza emidlalweni yeCaf Champions League.
• I-Orlando Pirates ifake usawoti esilondeni esibhibhayo samaZulu FC aguqe ngo-1-0 wegoli likaVincent Pule elingene ngomzuzu ka-52 koweligi izolo ngoMgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto.
USiyabonga “Nqaba” Mbatha ongunozinti futhi ongukaputeni woSuthu, uzame konke okusemandleni ukuhlenga ezakhe ephunga amabhola anzima abethunyelwa ngabadlali bePirates ebihlasela mawala. Nokho kugcine kubhedile njengoba uPule eshaye ibhola abeligotshelwe ngobunono nguThembinkosi Lorch.
USuthu kalukaze lunqobe kulo nyaka okwenza lubhabhabale emsileni we-log yalesi sigaba.
Uma uSuthu lungashintshi igiya elibi elihamba ngalo, luzophaphama selugijima kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo.
Imiphumela yemidlalo yayizolo yeGladAfrica Championship imi kanjena:– UThongathi 0, Kings 0; Swallows 1, Free State 1; TS Sporting 0, University of Pretoria 0.
senzos@ilanganews.co.za

Previous articleBakhala ngokaMajola abagiliwe
Next articleUgxeka uhlelo lwesithembu