Umdlali waseMphithi ulibangisa eSpain

871

Uyojoyina isikhungo seMalaga ebidlala kwiLa Liga

PHILANI NCALANE

USIMPHIWE Zungu waseMgungundlovu olibangisa eSpain ukuyojoyina enye yamakilabhu akhona iMalaga FC.
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

IYAKHANYA indlela ebheke kwiSpanish La Liga kuSimphiwe Zungu waseMgungundlovu njengoba eseyojoyina isikhungo sokuthuthukiswa kwabadlali seMalaga FC egijima kwi-Segunda Division ephakela iligi enkulu yaseSpain ngamakilabhu asevuthiwe. IMalaga ibidlala kwi-La Liga ngaphambi kokugencwa yizembe.
Lo mdlali okhuliswe kwiBlue Birds Academy yaseMgungundlovu, uzofulathela elakuleli ngoLwesithathu mhla ka-19 kwephezulu ukuyojoyina lesi sikhungo.
UZungu ozohlanganisa iminyaka engu-18 ubudala ngoNdasa (March) nonyaka, unyelwe yinyoni esandleni ethathwa yiBig Time Sports Management Agency ka-Ryan Hartslief okunguyena futhi osezinhlakeni zesikhungo seMalaga.
UHartslief uke wagijima emakilabhini ambalwa akuleli kubalwa iKaizer Chiefs, iHellenic, iBlack Leopards neLamontville Golden Arrows.
UPatrick Hlabisa ongumqeqeshi wabadlali kwiBlue Birds, uhlangane noHartslief kwiManchester Cup phesheya kwezilwandle base bekhanda ubuhlobo.
Lobu buhlobo yibona obuholele ekutheni uZungu azithole eseyoqeqeshwa kulesi sikhungo. UZungu uthi uzohamba nodadewabo omdala ukuya eSpain.
“Udadewethu ohlala eGoli uzongiphelezela abone indawo engizohlala kuyona. Yena uzosheshe abuye kanti mina ngizoze ngibuye sengizovuselela i-visa.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuheha iso labaqeqeshi besikimu esikhulu seMalaga.
“Ngibona sekusele kancane ukuba lifezeke iphupho lami lokuyodlala kwiligi enkulu yaseSpain.
“Kangikwazi lapho engiya khona, kodwa engikwaziyo wukuthi ngizozinza eCosta del Sol,” kusho lo mdlali obenza uGrade 12 e-Alexandra High School ngonyaka odlule.
Uthe uzozama ukuqhuba izifundo eSpain. UHlabisa uthe uyethemba ukuthi uZungu uzoqhubeka nokuzikhandla noma esephesheya kwezilwandle. Uthi kumqoka ukuthi aziphathe kahle ukuze nabanye abadlali bezovulekelwa yiminyango yokungena ngaphansi weBig Time Sports.

Previous articleSelukubameli olokuthukwa kukaZimdollar
Next articleIsazi samasiko siyakhala ngokungalandelwa kwesintu