umdonsiswano kwi-pmb utd ngomdlali

728
SENZO SOKHELA 

KUNOMDONSISWANO phakathi kwesikhulu seMaritzburg United nomqeqeshi wale kilabhu njengoba kuvela ukuthi babanga umdlali.
U-Eric Tinkler ongumqeqeshi weMaritzburg umeme uThamsanqa “The General” Sangweni ukuba azomuhlola.
Ubengaqali ukumbiza njengoba nangesizini eyedlule eke wambiza kodwa wangamsayinisa wathi ku-nezinto okufanele aqale ayozilungisa.
Leli phephandaba lithole ukuthi uTinkler usegculisekile ngalo mdlalo kodwa umnikazi wekilabhu uFarook “Ntshebe” Kadodia akayizwisisi eyokuthi lo mdlali asayiniswe.
Kuthiwa uKadodia utshele uTinkler ukuthi akasiboni isidingo sikaSangweni ngoba kunoMiguel Timm noPhumlani Ntshangase endaweni ayidlalayo, kodwa lo mqeqeshi umi ngokuthi kukhona imidlalo azobasiza kuyona uSangweni.
Lo mdlali bekufanele le kilabhu inqume ngaye ngoLwesihlanu olwedlule kodwa kwagcina kungenzekanga ngenxa yalo mdonsiswano.
Leli phephandaba lishayela uKadodia ngalolu daba uthe: “Okwamanje usazoqhubeka nokujima nekilabhu kodwa ngokwami le ndawo ayidlalayo kugcwele, sinoTimm noNtshangase.
“Umqeqeshi uyamthanda kodwa ngokwami nje sinabo abadlali endaweni yakhe.
“Sizobona ngokuqhubeka kwesikhathi kodwa kufanele ngenze ngawo wonke amandla ukuvikela ikilabhu,” kusho uKadodia.

UTHAMSANQA Sangweni obehlolwa yiMaritzburg United.

Previous articleUzokhangisa kwiDFF obegconwa ngobududla
Next articleUKomphela uyamaniswa neMamelodi Sundowns