“Umehluko phakathi kwePirates neSwallows yijezi” kusho abeChiefs

    294

    NGOSIBA LUKA: REV MKHEKHELEZI

    IZITOBHA ze-Orlando Pirates zihuqe ubuthongo ngesiwombe sesibili ihamba phambili ngo-2-0 ngesikhathi ibheke neStellenbosch FC koweDStv Premeirship, e-Orlando Stadium, khona namhlanje, yagcina ihlulwe ngo-3-2. Amagoli okunqobe ngawo iStellies ahlohlwe ngu-Iqraam Rayners (69), uDavin Titus (71) no-Andre de Jong (77). Abegqiba iphenathi kaThapelo Xoki (33) negoli elihle lika-Evidence Makgopa (59).

    Ngesiwombe sesibili, uXoki – lo owalingisa amaSulumane ampisholo, njengoba wayebizwa ngoThapelo Nyongo esagijima kumaZulu FC, abukise ngeRoyal AM eyibhudluza ngo-3-0 kukhona nondodana kasisi uMaMkhize, u-Andile – nguFortune Makaringe, u-Olisa Ndah noDion Hotto, ubungafunga ukuthi yizinkukhu eziphunyuke sezinqunywe amakhanda, amanzi okuzichutha esebila ebhodweni elinemilenze emithathu, badedela abafana beStellies bahlohla amagoli amathathu.

    EZimnyama zidliswa okwama-amesha nje, nasemdlalweni odlule zixetshulwe yiSuperSport United ngo-3-1. Nakulowo mdlalo sibone imbedumehlwana unozinti weBucs, uMelusi Buthelezi ezama ukuzenza unozinti weManchester United, u-Andre Onana, ethi ujika uMiguel Campbell, wathi umfana omncane unotshe, walithatha waliqulela enethini.

    NANGU lo Andre de Jong wansondo (kwesokunxele) oshayelele isipikili sokugcina ebhokisini leziPoki. Lapha uthathwe exine uPatrick Maswanganyi kanti uNdabayithethwa Ndlondlo uzama ukulekelela ngapha eceleni.


    Abalandeli beKaizer Chiefs abebebuka lo mdlalo noRev Mkhekhelezi, bebelokhu besho njalo ngesiwombe sesibili, bethi iBucs neSwallows wumgubo wangxowanye, besho ukuthi iBucs neziNyoni ngumthakathi nemfene yakhe bengena i-night shift – phela bangamaXhosa. Bathe umehluko yijezi nje kuphela.

    Njengoba siya kuNcibijane ngoMsombuluko, bazodla kahle omashonisa abalandeli beBucs beboleka imali yokuthenga iziminofu zokwehlisa usizi lwesibhaxu, ingani phela imiholo iphelele kuKhisimusi. Phela ayabuhlaba amaBhakabhaka, kangikhulumi ngenzwabethi, ngilama lona iBhakajuju, uma kungenzeka iphutha likhiyeleke eTops, kungavulwa ekuseni wonke amabhodlela eselele phansi. Ungafunga ukuthi ubafo ubudla namadlozi. Fuzani iKhosi maBhakaniya, ningapheli moya, luselude ukhalo.

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    IZITOBHA zeBucs zingcolise umsebenzi omuhle ka-Evidence Makgopa, oshaye igoli engagcina ukulibona lishaywa nguNhlanhla Mshibe weGolden Arrows ibhekene neMoroka Swallows ngo-2002 ebusuku eChatsworth Stadium, wasala ebakaza ubala uWendell Robinson owayengunozinti.

    Previous articleZimkhalele “onqume” unina wengane uqhoqhoqho
    Next articleEyengoma yonyaka oKhozini isizofuza ipolitiki yeqembu elibusayo