umengameli ukhuthaze abakuleli ngolwenkululeko

778

NONHLAKANIPHO SHINGA

UKHUTHAZE izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuba ziqhubeke nokulwa njengoba namaqhawe aphambilini alwela leli lizwe ngesikhathi sobandlululo uMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula inkulumo yosuku lwenkululeko izolo ngoMso-mbuluko. 

Ukhuluma kanjena nje umengameli, izwe nomhlaba wonke libhekene nengqinamba yokuvalwa ngenxa yokubheduka kwe-coronavirus. Uthe unethemba elikhulu ukuthi ngonyaka ozayo usuku lokuguba inkululeko yeNingizimu Afrika luyokwenziwa seyinqotshiwe impi (ye-coronavirus) leli lizwe elibhekene nayo okwamanje. 

Kuzokhumbuleka ukuthi minyaka yonke kuba nendumezulu yomcimbi osuke uhlanganise izinhlaka nezinhlangano ezahlukene zakuleli kugujwa lolu suku. UMnu Ramaphosa uthi njengoba amaqhawe alwela inkululeko yokuthi abantu bakuleli lizwe babe namalungelo alinganayo, namanje isenkulu impi okumele inqotshwe njengoba ethi kuze kube yimanje inhlupheko nokungalingani kusabonakala kakhulu. 

“Lokhu kuze kwavezwa obala yisona lesi sifo esibhekene naso njengoba kuyimanje kunabantu abavaleleke ezindlini abanayo yonke into abayidingayo njengoba namafriji egcwele ukudla. 

“Zikhona futhi izigidi zabantu eNingizimu Afrika ezibhekene nenkinga yokulala zingadlile ngoba labo abasebenzayo abanye babo baphelelwe yimisebenzi,” kusho yena. Uthe unethemba lokuthi imali yesibonelelo ayimemezele ngesonto eledlule izolekelela  imindeni ehlwempu. 

“Lesi yisikhathi sokuthi siba-mbisane kukho konke esikwe-nzayo futhi kubalulekile ukuthi kube nesifundo esisitholayo ngokuhlasela kwalesi sifo. Sifunda ukuthi singabantu kumele siphathane kanjani, kumele siphilisane kanjani nezinye izizwe nokunye okuningi,” kusho yena.

Uqhube wathi uma sekudlule leli fu elimnyama eligubuzele izwe, kuyobe sekufanele kwakhiwe umphakathi omusha, umnotho omusha nokuphilisana okusha. 

Ugcizelele nokuthi ukuthola kwaleli lizwe inkululeko ngo-1994, kwakungekhona nje okokuthi kutholwe inkululeko yokuvota, kepha inkululeko yokuthi bonke abakuleli balingane babe namathuba alinganayo. 

UMengameli we-IFP eyiqembu eliphikisa ngokusemthethweni KwaZulu-Natal, uMnu Velenkosini Hlabisa, uthe usuku lo-kugubha inkululeko luphinde lumele ukuthi kubalulekile njengezwe ukuba abantu bahlalisane ngokuba yimbumba nangoku-thula. 

Uthe umsunguli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uyaye achaze inkululeko yakuleli njengezinye zezinto ezenza iqembu lakhe libe khona nanamhlanje. 

Yize-ke kugujwa lolu suku kodwa i-IFP ithi kayikwazi ukujabulela inkululeko kube kusenezigidi zabantu baseNingizimu Afrika abalala bengadlile, abangakwazi ukuthola imisebenzi, ezomnotho zisavuna abathile. 

Previous articleisizwe sizoyizwa ngendaba eyokutshalwa kwenkosi
Next articleUMotsepe ungenelela olukaPitso Mosimane