UMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal uthwale kanzima amalungu eMK nawe-EFF ekhononda kuvotelwa usomlomo

195

LUCKY CAIN

UBUYISELWE kwesokuba ngusomlomo waKwaZulu-Natal uNkk Nontembeko Boyce (osesithombeni) we-ANC – obevele eqhoqhobele lesi sikhundla ngaphambi kokhetho lukazwelonke nezifundazwe obelumhla ka-29 kuNhlaba (May). Igama likaNkk Boyce liphakanyiswe yinhlanganisela ye-IFP, ANC, DA neNFP, kwathi iMK Party yaphakamisa elikaMnu Marvin Dirks. Lokhu kuphoqe ukuthi kuhlelwe indlela yokuvota eyimfihlo.


UMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, uNkk Thoba Portia Poyo-Dlwati, uthwale kanzima amalungu eMK nawe-EFF ekhononda ngohlelo okuvotwe ngalo. Uphoqeleke ukukhumbuza amalungu esishayamthetho ngemithetho yaso nangendlela yokuziphatha. Ngemuva kwalokho, umemezele igama likaNkk Boyce njengosomlomo ngamavoti awu-41, uDiks wathola awu-39.

Previous articleAmalungu e-ANC naweDA efungiswa esiShayamthetho saKwaZulu-Natal
Next articleBaqondisane ubugwegwe abaculi bakamaskandi “abanyathelane amakhona” kulungiselelwa Ingoma kaZwelonke