Umfundisi uboshelwe ukudlwengula

1447
Kuthiwa ziningi izingane ebezihlale zifika kwakhe kodwa zihambe zingasavalelisanga

I

TSHELE isizwe sayo ukuba singalindeli ukuthi indlela ezosihola ngayo izofana ne-kayise okhothame eminya-keni ewu-5 edlule, iNkosi yasemaZimeleni, eMthunzini, uThanduyise kaMpiyezintombi Mzimela (37). 

Inkosi ikusho lokhu ikhuluma nesizwe sikayise njengoba ibimu-kelwa ngokusemthethweni, ye-thulelwa isizwe. Ithi uyise uhole ngendlela yakhe futhi eyinsizwa ebingayisabi inselelo. 

“Ngiyakuqonda kahle kamhlo-phe ukuthi ngingene esihlalweni esinzima kakhulu, kodwa-ke ngiya-cela ukuba umphakathi ungangi-dabukeli ngoba kangisoze ngafana nobaba, ngizoba yimina.

 “Ngicela ukunikezwa ithuba ngingafaniswa nobaba kukho ko-nke engizobe ngikwenza. Nami ngiyafisa ukubona isizwe sikhula ngaphansi kwami futhi ngisebe-nzisane kahle naso. Isizwe ngizosihola ngothando, inhlonipho no-kwethembeka,” kusho iNkosi Mzimela. 

Idonse umphakathi ngendlebe yathi kuzomele ukwamukele ukuthi indawo yasemaZimeleni isixube amaqembu amaningi epolitiki kanti eminyakeni edlule beku-gcwele amalungu e-IFP.

 Ithi lokhu kungenye yezinto ezinzima ekuholeni abantu ngenxa yokuthi ipolitiki isithathe igxathu elikhulu kubona. 

“Kangifisi siqhakambise ipolitiki kakhulu esizweni, okubalulekile wukuba sibe munye. Ngisho ngabe kulethwa intuthuko esizweni aku-mele kubhekwe ukuthi lona oyilethayo ugqoke isikibha saliphi 

iqembu. 

“Ishwa lami wukuthi ubukhosi ngibuthathe kabi ipolitiki isinjena, kasisenabo nabaholi abahola ngeqiniso,” kusho inkosi. 

Itshele isizwe ukuthi uyise wa-shiya esesungule isikhwama sesizwe, iNkonjane Trust, esizolekelela uma kunemicimbi yasemaZimeleni. 

“Ngibanjisiwe lesi sihlalo kusukela ngo-2015. Ngibonga kakhulu isizwe ngokubambisana okuhle nami kanjalo namakhehla omndeni abelokhu engiluleka,” kusho iNkosi Mzimela. 

Inkosi ilulekwe yizinduna zendawo nomkhandlu wesizwe namanye amakhosi ukuthi kumele iziphathe kahle, ihloniphe abantu ukuze nayo ihlonipheke. Itshelwe ukuthi kumele ihambe izindlela eziqondile, ezi-ngeke zihlaze isizwe ngenxa yoku-tholakala kwayo ehlazweni. 

Idonswe ngendlebe kwathiwa ku-mele iganwe ukuze nayo uma 

ikhothama kungeke kuxoveke isizwe nomndeni uma sekumele ku-qokwe inkosi eyophatha emuva kwayo. 

INkosi Bongushilo Mthembu yesizwe saKwaSomopho 

eMpangeni, iluleke iNkosi Mzimela ngobunzima bokuhola abantu. 

INkosi Thanduyise ithatha lesi sihlalo nje, kuvela ukuthi 

kawubanga khona umsindo ngokuphakanyiswa kwayo njengoba izindlu eziwu-5 zomndeni wayo, zavumelana ngayo. 

UMphakathi ubuphume ngothi lwawo zonke izigodi eziwu-26 zasemaZimeleni. 

Previous articleUbulawe wacwiywa inhliziyo
Next articleUzozethula ngokusemthethweni kwiMpucuzeko uBhekihonga