Umfundisi udutshulwe wafa eshumayela epulpiti

1091

Kubulawe nomzalwane obefunda ibhayibheli phambili esontweni

UMFUNDISI Sicebi Msweli (44), odutshulwe wabulawa ngababulali abathathu abangaziwa eshumayela esontweni.
ISITHOMBE: NGOSIZO LOMNDENI

NOMFUNDO NGWANE
ASATHUTHUMELA amalungu ebandla iSalvation of Christ, eKhula Village, eMtubatuba, emuva kokudutshulwa kubulawe ngentululwane yezinhlamvu umfundisi walo ngeSonto ephakathi endlini yeNkosi, eshumayela epulipiti nelungu lebandla lona elidutshulwe lafa limfundela iBhayibheli. Kubikwa ukuthi uMfu Sicebi Msweli (44), udutshulwe noMnu Nceba Zulu (22), kanti lesi sigameko kuthiwa sishiye amalungu aleli bandla ethukile.


UNkk Mandisa Msweli, oyinkosikazi kaMfu Msweli naye obekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ekhuluma neLANGA uthe: “Kuqhamuke amadoda amatha-thu abehlome ngezibhamu afike angakhuluma lutho, aqala ngokuqhumisa isibhamu ngesikhathi umyeni wami eshumayela. “Kuthe uma sibuka, sisathuswe wukuqhuma kwesibhamu, adubula ephindelela ebhekise ngakumyeni wami nelinye ilungu lebandla ebeliseceleni kwakhe, lifunda iBhayibheli. Aqede ukudubula ashaya achitha engathathanga lutho.


“Kangifuni ukuqamba amanga ngithi kukhona esibasolayo, ubengenazo izitha umyeni wami futhi siyibandla elincane, nguyena obelengamele. Kawukho umbango engiwaziyo ebandleni noma emsebenzini. Ubeyimenenja emsebenzini wakhe, kodwa bengazi ukuthi konke kuhamba kahle,” kusho uNkk Msweli. Utshele ILANGA ukuthi indlela okwenzeke ngayo, iyakhombisa ukuthi ababulali bebevele beqonde yena umyeni wakhe.


ILANGA lithole ukuthi uMfu Msweli uphuthunyiswe emtholampilo oseduze, eSipho Zungu Clinic, okuyilapho kuvele khona ukuthi useshonile. Amalungu ebandla akhulume naleli phephandaba kodwa acela ukuba amagama awo agodlwe ngenxa yobucayi bodaba, achaze uMfu Msweli njengomuntu obelungile futhi ewukhathalele umsebenzi webandla.


Athi ukubulawa kwakhe akuhlobene nezinto ezithinta ibandla, kungenzeka ukuthi yizitha zakhe zangaphandle noma emsebenzini ngoba ebandleni labo nguyena obephethe futhi akekho umuntu abebangisana naye. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala, bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa asenza uphenyo. nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleKufunwa izicucu zeziqu ezikhulwini zomkhandlu
Next articleI-PSL ezintangeni ngeChiefs