UMicho umfuna kwiZamalek uLorch

650

Uthi ukuya e-Egypt kungaluqinisa ukhakhayi kulo mdlali

SENZO SOKHELA

OBENGUMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho”Sredojevic uhalela umdlali wale kilabhu ongaconsi phansi kubalandeli bayo. USredojevic obeseqeqeshe iBucs amasizini amabili nenyanga eyodwa, uthuse abathandi bebhola esula isigubhukane kule kilabhu.
Uthe ugulelwa ngunina kanti uhubhuza amanga aluhlaza, ulandela ibhodwe eliconsayo abelethenjiswa yiZamalek yase-Egypt asengumqeqeshi wayo.
Usayine kuyona isizini eyodwa kanti kuvela ukuthi uzogoduka no-R18 million
ngale sizini.
Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uSredojevic usecele abaphathi
bakhe kwiZamalek ukuba bazame ukumtholela uThembinkosi Lorch oyisibabuli
seBucs ngoba uyamhalela kwiZamalek.
Umthombo waleli phephandaba osondelene noSredojevic uthe: “Nakuba iwindi
lokuhwebelana ngabadlali selivaliwe kodwa lo mqeqeshi ufuna ukumhlwitha kwiBucs uLorch uma liphinde livulwa.
Umthanda ukufa lo mdlali kanti nakwiZamalek kusakhala isicathulo sakhe, abaphathi
bamuzwa ngaphakathi njengoba nale kilabhu yenza kahle.
“Useyifake kowamanqamu womqhudelwano omkhulu wase-Egypt yingakho nezikhulu
zale kilabhu zimthanda kangaka. Kodwa ngeke kube lula ukuthatha uLorch ngoba yonke indlela kuzofanele idlule ku-Irvin Khoza ongusihlalo weBucs,” kusho lo mthombo.
USredojevic edonswa yileli phephandaba ese-Egypt, ukuvumile ukuthi uyamhalela uLorch kodwa wangafuna ukwanda ngamaningi ngalolu daba.
“Ngokwami uLorch kufanele ngabe use-Europe, ukwenze konke eMzansi ngesizini eyedlule.
“Yize enganqobanga nkomishi kodwa ukunqoba imiklomelo emqoka kusho lukhulu kabi.
“Nokuza lapha e-Egypt kungamkhulisa kakhulu, lungaqina ukhakhayi ukuze athole
okuhlukile,” kusho uSredojevic.

Previous articleUMnu Zuma usabiza abantu ngezimpimpi
Next articleUZINIKELE “OBULALE” INTOMBI