UMiddendorp uzigxeka ngodaka lweChiefs

165

Uthi isicoco sesisezandleni zeSundowns

SENZO SOKHELA

USAMIR Nurkovic weChiefs egobodisile emuva kokuba u-Eva Nga eshaye igoli elinqobise iWits ngo-1-0 izolo eFNB Stadium, eSoweto. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UWUQONDISE kuyena umunwe u-Ernst Middendorp ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ezakhe zihlulwa ngo-1-0 yiBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiership izolo ngeSonto ntambama eFNB Stadium, eGoli.

Igoli okunqobe ngalo iWits libhajiswe ezintanjeni nguBienvenu Eva Nga sekusele amanenjana kuphele umdlalo. 

IChiefs izigwaze ngowayo ngokuhlulwa njengoba iye kulo mdlalo isilingana neMamelodi Sundowns ngamaphuzu. IChiefs ibe neshwa kulimala uDaniel Akpeyi ongunozinti sekuzophela isiwombe sokuqala. Uphume ngohlaka indawo yakhe yathathwa nguBruce Bvuma ongajwayele ukudlala.

IChiefs izobhekana neChippa United ngoLwesithathu ngo-18h00 e-Orlando Stadium. Izosonga isizini ngokudlala neBaroka esempini yokuvika izembe.

UMiddendorp uthe ukunqoba lesi sicoco akusekho ezandleni zabo. Uthe sekusezandleni zeSundowns ababanga nayo lesi sicoco.

“Ngiphoxekile ngendlela esidlale ngayo kulo mdlalo. Kangifuni ukuqamba amanga, kakuyona indlela ebengiyilindele. Siwatholile amathuba kodwa sangawasebenzisa. 

“Empeleni lo mdlalo ngiwufanisa nenhlekelele, kodwa-ke njengomqeqeshi yimina okumele akhonjwe ngomunwe. Uma ungumqeqeshi ikilabhu ingenzi kahle, kukhonjwa wena. Nami ngiyavuma ukuthi konke kungabhekiswa kimina,” kusho lo mqeqeshi.

UGavin Hunt ololonga izi-Tshudeni, uthe weneme kakhulu ngalo mphumela abawutholile.

“Nakuba singabanga nomdlalo omuhle kodwa amqoka amaphuzu esiwatholile ngoba besiwafuna ephelele. Ngiyajabula ngoba sithole ithuba salivalela enethini. Okumqoka kithina njengamanje wukuthi siqedele le midlalo esele bese sibona ukuthi siphuma sibheka kuphi njengoba singasenayo imisebenzi,” kusho uHunt.

UHunt ukhuluma eyokungabi namisebenzi nje, uthishwa ukuthatha isikhundla sikaMiddendorp kwazise iWits seyidayisiwe futhi abaphathi bayo balibeka ngesihloko elokuthi ngeke baqhubeke nalo mqeqeshi ngoba uyabiza.

Imiphumela ye-Absa Premiership imi kanjena: Wits 1, Chiefs 0; Celtic 0, Polokwane 0; Arrows 1, CT City 4; AmaZulu FC 1, Leopards 0; Pirates 2, SuperSport 1; Highlands 1, Maritzburg 1; Stellenbosch 1, Chippa 1.