Umincile umqeqeshi weBay FC ngezitha kowokuhlunga

227

MFANAFUTHI NDLOVU

UBAMBE umoya umqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi (osesithombeni),  ngaphambi komdlalo obucayi neBaroka FC wePSL Promotional Play-Offs onamuhla ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Lo mdlalo ufana nowamanqamu kula makilabhu njengoba ezonqoba kuwona izonyukela kwiDStv Premiership. 

Nokho iBay FC noma ingadlala ngokulingana, izobuyela esigabeni esikhulu, kodwa ukwehlulwa kwayo kungayishovela kwalasha njengoba iBaroka izokube ithole amaphuzu amane uma la makilabhu ebhekene. Okwenzele phansi iBay FC kube wukuvumela i-University of Pretoria ukuba ibuye ishaye igoli lokulinganisa emdlalweni onzima obungoMgqibelo ePretoria, ophele ngo-1-1. 

UVilakazi utshele abezindaba ukuthi umincele ukuthi abadlali bakhe baqinisekise ukuthi bayivalela ekopini iBaroka FC, ingakwazi ukuphefumula enkundleni, uze uphele umdlalo. “Ngibheke ukuba sisizwe kakhulu ngumgadli wethu, uJustice Figuareido. IBaroka inomqansa njengoba kufanele isinqobe ngamagoli amaningi, okuyinto engelula ukwenzeka,” esho.

Previous articleUNdunankulu waKwaZulu-Natal usefikile eWoodburn Rugby Stadium ukuyofungiswa
Next article20 June 2024