Uminze ‘egeza’ amakholwa edanyini

559

Kuthiwa ubezama ukuhlenga owesifazane oshibilike waphonseka emanzini, bafa bobabili

AMALUNGU ebandla eguqile eduze kwedamu la kushone khona u-Arbishop Khumbulani Sibisi (osesithombeni
sesingakwesobunxele) nowesifazane abezomthandazela.

PHUMLANI GAMA
A SASHAQEKILE amalungu ebandla lamaZayoni, Ubuhle bamaGalile, laseNanda, eThekwini kulandela isigameko sokumuka komholi walo, eyogeza amalungu alo edanyini ngoLwesine. Kubikwa ukuthi u-Arbishop Khumbulani Sibisi (58), ongumsunguli waleli bandla, obebuye abe ngumthandazi, umuke namanzi ngenkathi ezama ukuhlenga uNkz Busisiwe Mazibuko (30) “ovukwe yidlozi” washibilikela edanyini lendawo, naye wamuka. Ngokusho kukaMnu Stainley Shezi, ongumfundisi waleli bandla, uSibisi ubehlala eyogeza amalungu aleli bandla kuleli damu njalo ngoLwesine.


Uqhube wathi uSibisi, uyaziwa ukuthi ubebuye abe ngomunye wabaholi bezangoma kulesi sifundazwe. Izolo ngeSonto leli phephandaba lishicilele lolu daba singakatholakali isidumbu sikaSibisi. EsikaNkz Mazibuko sitholwe ngosuku lwesigameko. Kubikwa ukuthi sitholwe ngabafana abebedoba osebeni lomfula. “Ubaba ubekujwayele ukuhlala ehambisa abantu abasuke bedinga ukuyogezwa kuleli damu. “Kuthe ngosuku lwesigameko kwatholakala ukuthi idamu linamanzi amaningi, okwenze ukuthi ayalele abazalwane neziguli zakhe ukuba zingangeni phakathi. “Ubeseqedile ukugeza abantu njengoba besekusele nje abantu abathathu, okuthe kusabhekwe lokho uNkz Mazibuko wavukwa yidlozi washibilikela phakathi edanyini.


“Ubaba uminze ezama ukusiza uNkz Mazibuko. “Umfana obezoba ngowesithathu uzamile ukungena naye ethi uyabadonsa, wakhafulwa ngamanzi edamu. Wasinda kanjalo. “Ubaba akafikanga lapho okutholakale khona isidumbu sikaNkz Mazibuko. “Kugcine kubonakala izinyawo, kwabuye kwabonakala olulodwa, kwaze kwaba akasabonakali. “Amaphoyisa afikile endaweni yesigameko. “Njengoba kuwusuku lokukhonza (izolo) siqhubekile nokubamba inkonzo kodwa siyibambele khona edanyini ngokusizwa nangamanye amabandla angomakhelwane baleli lethu,” kusho uShezi. Uqhube wathi uSibisi waziwa kakhulu emphakathini njengoba esemakomidini amaningi.


“Sishaqeke kakhulu ngendlela okuhambe ngayo umholi wethu ngoba besingalindele. “Namanje isimo simuncu kumalungu ebandla ngoba ukuhamba kwakhe ngalolu hlobo kwethuse abaningi, okuhlanganisa nazo iziguli zakhe. “Ubaba ubeyilungu lebhodi okubhaliswa kulona amabandla. “Ubebuye amele abelaphi bendabuko,” kuchaza uShezi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokushona kowesifazane. “Amaphoyisa aseNanda abikelwe ngokufa kowesifazane okusolwa ukuthi umuke namanzi,” esho.
phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleAbeNdoni kowokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane
Next articleUYAMANISWA NAHLUKENE UMDLALI WE-PIRATES