Indodana ithi ibonisiwe ngokufa kunanina kodwa wangayilalela
NOMFUNDO NGWANE
NGIBONISIWE ngokufa kukamama namathwasa akhe, ngamtshela ukuthi bangayi emfuleni ngoba kuzokwenzeka into embi, kodwa wangangilalela, baqhubeka bahamba ngenkani,” isho kanje indododana kagobela wakwaBB, eMlazi, ominze washona namathwasa akhe amabili ngoMgqibelo ekuseni emfuleni.
Lusematheni ezinkundleni zokuxhumana udaba lokuminza kukaNkk Qhamukile Molefe (65) namathwasa akhe okunguNkz Nonsikelelo Mbili (24) noMnu Vulindlela Hadebe (62), kuyogezwa uNkz Mbili emfuleni eziMbokodweni, ngakwaBB, eMlazi.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Hadebe bekuyisoka likaNkk Molefe ebeseliphothulile ukuthwaswa, ubefike ngoba kunomcimbi wokugezwa kukaNkz Mbili.
Indodana kaNkk Molefe, nayo eyisangoma, uMnu Ketso Molefe (36), ithi konke okwenzekile ibonisiwe ngakho futhi yamtshela unina kodwa wangalalela.
Uthi uNkz Mbili ubeyogezwa ibovu esezofakwa umcako, esengena esigabeni sesibili sokuthwasa kwakhe. Ngaphambi kokuba bahambe, uthi uhlale phansi nonina ngasekuqaleni kwesonto wambikela ngento embi aboniswe yona.
“Nethwasa ebeliyogezwa ngilitshelile ukuthi lingayi emfuleni ngoba ngeke babuye,” kusho uMnu Molefe.
Uthi konke lokhu okukhulunywa ngabantu ukuthi badliwe yinyoka akulona iqiniso, kunento ebingalungile edlozini obekumele iqale ilungiswe ngaphambi kokuba bayokwenza lo msebenzi abebeyowenza emfuleni.
“NgoLwesihlanu ntambama, ngiphume ekhaya ngashiya izangoma zigida umoya wami ungemuhle ngoba besengazi ukuthi kuzokwenzekani. Ngihambe ngiyobikela izihlobo ezikwa-Q ngento embi ezokwehlela umama, ngizitshele nokuthi akafuni ukungilalela uma ngimbonisa.
“Izangoma zigide kwaze kwasa, kuthe ngabo-5 ekuseni, zaphuma zonke ziphikelele emfuleni sekuyogezwa uthwasa uMbili. Ucingo olungene ngabo-7 ekuseni ngibikelwa ngento eyenzekile, kaluzange lungethuse ngoba besengivele ngilindele ukuthi kuzokwenzeka. Khona kubuhlungu ukuthi ngihanjelwe ngumama ngale ndlela,” kusho uMnu Molefe.
Uthi bathole ukuthi uNkz Mbili uphoseke emfuleni ngesikhathi unina emgeza ngomuthi, okuthe uma ezama ukumbamba naye waphoseka phakathi.
UMnu Hadebe kuthiwa ugijime ethi uyobasiza, naye waminza. UMnu Ayanda Vilakazi oyindodana kaMnu Hadebe, uthi uyise ubesephothulile entwasweni, uNkk Molefe ubejwayele ukumbiza uma kunemigidi.
Uthi bese kunesikhathi uyise ethandana noNkk Molefe, ubeseze washiya umkakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe idokodo lophenyo ngokushona kwalaba.
nomfundo@ilanganews.co.za