“UMkhonyovu” useqhwakele kwesemeya yaseZululand

74

MTHOBISI SITHOLE

KUPHELILE ukuqagela ngesikhundla semeya yaseZululand esivuleke ngokujutshwa kukaMfu Thulasizwe Buthelezi – osengungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezomdabu – esiShayamthetho saKwaZulu-Natal yiqembu lakhe i-IFP, njengoba leli qembu liqoke uMnu Michael “Mkhonyovu” Khumalo kulesi sigqiki. UKhumalo uqokwe emhlanganweni wamakhansela obunamhlanje.

Lo masipala ubalwa nabanye baKwaZulu-Natal “abebengenabashayeli” ngenxa yokujutshwa kwabebeyizimeya ePhalamende nasesishayamthetho ngokwehlukana. KuMasipala waseKing Cetshwayo, kayikabi khona imeya emuva kokushiya kukaMnu Thami Ntuli, osengundunankulu walesi sifundazwe. KowaseThekwini, umhlangano obekuhlelwe ukuba kuqokwe kuwona imeya – emuva kokujutshwa kukaMnu Mxolisi Kaunda we-ANC, kwiNational Council of Provinces (NCoP) – ugcine uhlehlile ngoLwesibili.

Usomlomo walo masipala uveze ukuthi isizathu sokuhlehla kwalo mhlangano – athe ungaze uhlale maphakathi noma ekupheleni kukaNtulikazi (July) – wukuthi akakwazanga ukuthola ithimba le-IEC ebelizokwengamela ukhetho. Ngaphandle kwalokho, uveze nokuthi inhloko yezimantshi ebizofungisa imeya, icele ukuba kuqokwe olunye usuku ngoba ibingeke isakwazi ukuphumelela.

Previous articleKudutshulwe kwabulawa abathathu bephuma enkantolo
Next articleIngqayizivele yethuba kubalandeli beDowns KwaZulu-Natal