BHEKI NDLOVANA
“UKHULEKELA” ukuba yelulwe ngeminye iminyaka i-African Growth and Opportunity Act (AGOA), uMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa, ukuze iqhubeke nokuhlomulisa umnotho waseNingizimu Afrika neyamanye amazwe ase-Afrika ayingxenye yayo.
Ngesikhathi evula ngokusemthethweni ingqungquthela ye-AGOA eqale ngoLwesine zimbili kuze kube kusasa ngoMgqibelo zizine, uMnu Ramaphosa uveze ukuthi banesifiso sokuba selulwe isikhathi sokusebenza kwe-Agoa okumele igcine ngo-2025.
I-Agoa iwumthetho owashaywa yi-United States of America (USA) ngo-2000, ovumela amazwe akhethekile ase-Afrika ukuba adayise imikhiqizo yawo ethile ezimakethe zase-USA ngaphandle kokukhokhishwa intela. Yasungulelwa ukuqinisa ubudlelwano bezohwebo phakathi kwe-USA ne-Afrika, nokuzama ukuthuthukisa umnotho wamazwe ase-Afrika.