Umkhuleko kaSaleng ngePirates

415

Ubonga ozakwabo ngokumeseka

UMONNAPULE Saleng weBucs ejabulela elinye lamagoli akhe nozakwabo emdlalweni neSwallows FC ngoLwesihlanu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU
SITHANDAZELA ukugcina umgqigqo omuhle isilomo somgadli we-Orlando Pirates, uMonnapule Saleng esibhakuzise amagoli amathathu ngesikhathi le kilabhu isikhiphela kwiSwallows FC isibhongo sokudunyazwa yiKaizer Chiefs ngeledlule. IBucs ilobole iziNyoni ngo-4-1 koweDStv Premiership ngoLwesihlanu ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto. EziMnyama zithobe izinhliziyo zabalandeli bazo emuva kokuba zehlulwe kabuhlungu yiChiefs ngo-1-0 ngeledlule. Amagoli kaSaleng angene ngomzuzu ka-6, ngoka-60 nangoka-90 kwathi elikaTerrence Dzvukamanja laqabula inethi ngoka-47. Elokuzama ukugqiba ihlazo leSwallows lize noMthokozisi Shwabule. Kulo mdlalo uSaleng uqokwe njengomdlali ovelele.


Utshele abezindaba ukuthi ukuba khona kwabadlali abanesipiliyoni eduze kwakhe kuyamsiza njengoba bemgqugquzela njalo ukwenyusa ifomu. “Kube kuhle ukungabaphoxi abalandeli bethu abafike ngobuningi ekubeni ngeledlule sibadumazile sibhekene neChiefs. “Ngibonga ukuthi ekugcineni sikwazile ukubenza bagoduke bejabule. “Ngibonga kakhulu kozakwethu ngokungikhuthaza ukuba ngifinyelele kuleli zinga. “Nginethemba lokuthi sizoqhubeka nalo mgqigqo esihamba ngawo nasemidlalweni ezayo,” kusho uSaleng. Emdlalweni olandelayo iBucs izobhekana neVenda Football Academy kwiLast 16 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-20h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. Le kilabhu iveze ukuthi izogijima lo mdlalo ngesikwati esiqinile njengoba izimisele ngokwandisa izinkomishi ekhabetheni.


Phela iBucs iyivule kahle isizini inqoba iMTN8 yehlula AmaZulu FC ngo-1-0 kowamanqamu obuseThekwini ngasekupheleni konyaka odlule. INedbank Cup ivikelwa yiMamelodi Sundowns edlulele esigabeni sama-quarter final yehlula iMarumo Gallants ngo-3-1 ngoLwesine eFree State Stadium. Isiyonke imidlalo yeLast 16 yeNedbank Cup imi kanjena:-
NGOLWESITHATHU
E-TUT Stadium: Dondol Stars vs AmaZulu FC 19h30 (SS).
NGOLWESIHLANU
ENew Peter Mokaba: Sekhukhune vs Cape Town Spurs 19h30 (SS).
NGOMGQIBELO
EPrincess Magogo: Golden Arrows vs Royal AM 15h00 (SS/SABC).
ENelson Mandela Bay: Chippa United vs Mpheni Home Defenders 15h00.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Venda FA 20h00 (SS).
NGESONTO
EMbombela: TS Galaxy vs Stellenbosch 15h00 (SS/SABC).
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Casric Stars 18h00 (SS).
mfanafuthin@ilanganews.co.za.

Previous articleAYANDA UYOMELA ELAKULELI EPOLAND
Next articleUHLASELWE NENDODANA BALINYAZWA NGESANDO