LUCKY CAIN
KUNGAKAPHOLI maseko iPhalamende likazwelonke liphasise ukuqashwa kuka-Adv Kholeka Gcaleka njengoMvikeli woMphakathi, obeqhoqhobele lesi sikhundla u-Adv Busisiwe Mkhwebane ufungiswe ngokusemthethweni njengelungu lePhalamende ngaphansi kobulungu be-EFF.
NgoLwesihlanu u-Adv Mkhwebane ufungiswe njengelungu lePhalamende, kulandela ukujoyina kwakhe leli qembu ekuqaleni kwaleli sonto.
Ngesikhathi ememezela ukujoyina leli qembu ngoMsombuluko uMkhwebane, uveze ukuthi ukulijoyina kwakhe ukwenza ngaphandle kwengcindezi, nokugaqela izikhundla. Akuphelanga isikhathi esingakanani njengoba egcine esegixabezwa ngesikhundla sokumela leli qembu ePhalamende likazwelonke.
Akuqali ukuthi leli qembu libonge abalijoyinayo ngokubafaka ePhalamende njengoba kuwona lo nyaka, okhulumela isikhwama sikaMnu Jacob Zuma, uMnu Mzwanele Manyi nomculi weKwaito oyilungu leTrompies u-Eugen Mthethwa, nabo bethole ukubongwa okufanayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lisanda kukhomba indlela amalungu alo asezikhundleni, ahlulekile ukulandela imiyalelo yeqembu yokuqashela amalungu alo amabhasi okuya emcimbini walo wokugubha iminyaka eyishumi lasungulwa.