UMkokstad ugoduke neyeBest Song Writer kumaCrown

231

LUCKY CAIN

UGODUKE nendondo yokuba ngumbhali wengoma ovelele umculi we-gospel, uDumi Mkokstad (osesithombeni), emcimbini  weSABC Crown Gospel Awards, obuseFNB Stadium, eGoli namuhla. Ubuqala ukwenzelwa eGauteng selokhu wasungulwa. Ukhombise elikhulu isasasa njengoba amathikithi awo edayiswe aphela wonke. UMkokstad ubeqokwe emunxeni weBest Song Writer njengoba egoduke nale ndondo ngengoma ethi “Vumb’ Elimnandi”.

Previous articleInyoka “iphoqe” abasolwa ukubingelela imantshi besevenini
Next articleUmndeni uphumela obala ngesimo sikaZahara