Umlawuli uvune uSkhosana ngokhetho lweSascoc

624

MZWAMANDLA ZONDI

UMENGAMELI we-Athletics South Africa (ASA) u-Aleck Skhosana usevunyelwe ukungenela ukhetho lweSascoc okwakufanele lube ngomhla ka-28 kuNdasa (March) kodwa lwahlehliswa.

Lolu khetho lwahlehliswa ngenxa yokuhlasela kweCovid-19 eNingizimu Afrika okwenze uhulumeni wathatha isinqumo sokuba kugonqwe, abantu bahlale emakhaya. 

Lolu khetho beluvele luzohaqwa yizinkinga kwazise uSkhosana ubechithiwe ukulungenela yize igama lakhe beliphakanyiswe yi-Athletics South Africa (ASA).

Ukungavunyelwa kukaSkhosana ukuba angenele ukhetho lweSascoc, kuphoqe ukuba lolu daba alwedlulisele kumlawuli ozimele. 

Beluphethwe nguNazeer Cassim SC. UNazeer Cassim SC uthe ukuphakanyiswa kukaSkhosana yi-ASA kakunankinga, ngakho-ke angakwazi ukungenela ukhetho kwazise igama lakhe liphakanyiswe yinhlangano ayiholayo.

I-ASA yiyona ebidlulisele lolu daba kumlawuli ozimele kanti ithe isijabulele isinqumo sika-Nazeer Cassim SC. 

Kumanje uSkhosana ungumengameli wesikhashana weSascoc emuva kokumiswa kukaBarry Hendricks obesolwa ngokuvimba abathile ukungenela lolu khetho.

Ngaphandle kukaSkhosana, omunye okusolwa ukuthi ubevinjwa ukungenela lolu khetho ngu-Ntombi Ravele oyilungu leTennis South Africa (TSA). 

Nodaba lukaRavele lwadluliselwa kumlawuli ozimele. Abanye nguCecilia Molokwane ongumengameli weNetball South Africa (NSA), uFarrell Moses noJerry Segwaba nabo abaphikisanayo nokungavunyelwa ukungenela ukhetho. UCecilia kuthiwa igama lakhe lakhishwa ngoba engayithumelanga ikhophi yomazisi wakhe.

Ikomidi elizimele ebelibheke uhlelo lwabangenele ukhetho, kuthiwa liphethwe nguXoliswa Sibeko, uJason Mitchell noSamkelo Radebe.

UThami Mchunu onguMenga-meli weKwaZulu-Natal Sports Confederation, ukubeke kwacaca ukuthi beseka uSkhosana. 

UMchunu ukusho lokhu kulandela ukungenami kweSafa ngendlela izinto eziqhubeka ngayo kwiSascoc.

Kwenzeka lokhu nje, i-International Olympic Committee (IOL) isichithile isicelo sikaNgqongqoshe wezemidlalo wakuleli uNathi Mthethwa sokungenela ekuxazululeni izinkinga zeSascoc. 

I-IOC ithe iSascoc kufanele kube yiyona elungisa izindaba zayo. Ithi ukungenela komuntu wangaphandle kakwamukelekile.

Previous articleOwakuleli wabukisa ngengqwele yase-UK
Next articlei-wwE iboniswa bukhoma kwi-supersport