Ubathengele nama-tablet ngemali yakhe
NOMFUNDO NGWANE
UGQUGQUZELE intsha ngemfundo usomabhizinisi waseMkhuze ohloni-shwayo ngamagalelo akhe ekushintsheni impilo yabantu aba-ningi kule ndawo namaphethelo.
UMnu Charl Senekal (75) – ongu-mlimi okubikwa ukuthi uhamba yedwa ngokuba namapulazi ama-ningi omoba e-Afrika – ugqugquzele intsha emcimbini obuseKhulani Special School, eHluhluwe, ngeledlule, wathi mayisebenzise amathuba enikwa wona ukuze ikwazi ukubuyisela emiphakathini yangakubo.
Lo mcimbi, obuhlelwe ngokubambisana yiDr Charl Senekal Family Beneficiaries noMnyango wezemfundo wesiFunda uMkha-nyakude, ubuhanjelwe ngabafundi abawu-200 bakamatikuletsheni abakhethwe ezikoleni ezahlukene ezakhele lo masipala.
Abafundi bahlonyiswe ngolwazi lokuthi uma befuna ukuya ema-nyuvesi kufanele benzenjani noku-thi kubaluleke ngani ukuba bazimisele kuseyimanje njengoba imiphumela yamanje kuyiyo abafaka ngayo izicelo zokufunda ezikhu-ngweni zemfundo ephakame.
UMnu Senekal, obememe uNkk Monica Basson, obemele i-University of Stellenbosch, uthe lokhu ukwenza ngoba ekhulele kule ndawo futhi uyazi ukuthi imfundo ibaluleke kangakanani.
“Imfundo yisona sikhali eniyo-kwazi ukuphuma ngaso enhluphe-kweni, ngakho-ke kubalulekile ukuba nithathe noma yiliphi ithuba eninikwa lona nilisebenzise ngendlela. Ubaba wayenguthisha, ngakho-ke ngiyazi ukuthi imfundo ibalulekile. Ngikhulele la eMkha-nyakude, yingakho kubalulekile kimina ukuba lena kube ngenye yezindlela engibuyisela ngazo emphakathini. Abantu baseMkha-nyakude ngomakhelwane bami engifisa ukwenza konke okusema-ndleni ami ukushintsha impilo yabo,” kusho yena.
Unikele ngama-tablet abafundi ebebekhonji-swa ngawo ukuthi ba-ngazifaka ka-njani izicelo.
“La ma-tablet azohanjiswa kuzo zonke izikole ukuze abafundi bakwazi ukufaka izicelo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme. Sinobudlelwano obu-hle ne-University of Stellenbosch, okuyikho okwenze sayimema ukuba izokhuthaza, ihlomise aba-fundi ngolwazi nangezindlela eza-hlukene abangathola ngazo uxhaso lokuyofunda enyuvesi,” kusho uMnu Senekal.
UNkk Basson uthe kuyabajabulisa ukubona ukuthi kunabafundi abaningi ababonakala benothando lokungena nasemkhakheni wezolimo, athi uMnu Senekal yinto aphinde ayigqugquzele.
“Baningi abantwana abakho-mbisa ukuthanda ukufunda kaba-nzi ngalo mkhakha wezolimo, oku-yinto enhle ngoba maningi ama-thuba akhona kuwona,” kusho yena.
Kulo mcimbi kuphinde kwethu-lwa uhlelo lokufunda kwabafundi bamatikuletsheni ebusika, kwazise ngeke bavale njengoba sekuqale amaholide.
UMnu Joseph Motha, ongumqo-ndisi kuMasipala uMkhanyakude, uthe inhloso wukugqugquzela abafundi abawu-200 ababizwa nge-high fliers – abaphasa kahle – ukuba bazibambe ziqine kuze kuyophela unyaka.
“Bazovalelwa ehhotela elithile izinsuku eziwu-10 lapho beyofu-ndiswa khona baphinde balule-kwe ngokubaluleka kokusebenza kanzima kusukela manje kuya ekupheleni konyaka. Ngonyaka odlule sibe ngabesithathu KwaZu-lu-Natal abenze kahle kumatikule-tsheni. Namanje silindele ukuba laba bafundi benze konke okusemandleni abo ukuba baphumelele kahle,” kusho uMnu Motha.
Uthe ukusebenza ngokubambi-sana noMnu Senekal kuyisibusiso kubafundi abaningi njengoba engumuntu ozimisele ngokwenza noma yini ukulekelela abafundi baseMkhanyakude namaphethelo.
“UMnu Senekal ubamba iqhaza elikhulu kakhulu njengoba kungu-ye ozamela abafundi imifundaze ukuze baye emanyuvesi. Nohlelo lwama-tablet lwenziwa nguye ngemali yakhe, kanti luwusizo kakhulu kubantwana abaningi abasuke bengazi nokuthi baqale ngaphi uma befaka izicelo.
“Ugqugquzela abafundi ukuba babe namaphupho futhi babone noku-thi ukhona umuntu okholelwa kubona,” kusho uMnu Motha.
Uthi banalo no-hlelo abazolwenza nezikole ezingenzi kahle kulesi sifu-nda ukuze zingasali ngaphandle. nomfundo@ilanga-news.co.za