Umlimi ukhuthaza imfundo nothando kulo mkhakha

407

UMnu Msweli uthi abajahe ukwenza imali abakhohlwe ngoba ziningi izingqinamba ezingenza umuntu aphose ithawula

UMNU Thabani Msweli uthi ziningi izingqinamba emkhakheni wezolimo kodwa uma unothando lwawo, ngeke ungaphumeleli njengoba ethi lo mkhakha uwubona kuyiwo ozogcina uyisinkwa
sentsha eningi.

NONHLAKANIPHO SHINGA

UXWAYISA abafisa ukungena kwezolimo ngokuthi noma ngabe kuthiwa bawufundele lo mkhakha, kodwa akusho ukuthi uma sebephakathi, izinto zizoba lula umlimi wase- Nzalabantu, eRichards Bay kodwa osebenzela eWesselsnet, eMnambithi. UMnu Thabani Msweli (28),owenze izifundo ze-Animal Production eMangosuthu University of Technology (MUT) emuva kwalokho wasungula iMsweli Agri Consulting PTY Ltd, ngaphansi kwayo waqala ibhizinisi lezinkukhu zenyama nezamaqanda, ebambisene nomngani wakhe, uMnu Siyabonga Mngomezulu (42)-uthi kubalulekile ukuba umuntu ongena kulo mkhakha abenothando lwawo.


Utshele ILANGA ukuthi ibhizinisi Uthe ebhizinisini labo bakhulisa izinkukhu eziwu-300 ngesonto, kodwa manje sebebhekana nengqinamba yokuthi kumele bakhulise eziwu-500 ngenxa yobudlelwano abanabo namabhusha nezitolo adinga izinkukhu. nguninakhulu uNkk Thembisile Gazu (ongasekho) KwaShikishela, eMtubatuba. Nguye uNkk Gazu otshale uthando lwezolimo kuyena. “Ekhaya kunepulazi lomoba, kukhona nezitshalo ezahlukene. Bengivuka ngezithuba zabo-4 ekuseni kanti njengamanje wenza i-Advanced Diploma kuzona lezi ziqu. emapulazini ahlukene, elinye lawo lise-Eastern Cape, elinye liseMooi River lapho bengiyimenenja khona,” esho.


Uthe ulwazi aluqoqe ngesikhathi esebenza kula mapulazi lumenze wafisa ukuthi ngelinye ilanga azimele. Nokho uthi isizathu esikhulu esimenze wagcina eqoke ukuzimela, wukuthi ubone engenza umehluko ngokuqeqesha abebefuna usizo kuye. “Ngihlangane noMnu Mngomezulu ngoba yena unepulazi elinamahektha awu-7 futhi uyakholelwa kulo msebenzi engiwenzayo, sabambisana kuleli bhizinisi. Ngoba yena unothando olukhulu lwemfuyo, sisaqale ngezinkukhu nazo esibona zilikhulisa kakhulu ibhizinisi, kodwa sinesifiso sokuthi sibe nanezimbuzi nezimvu. “Ngizimisele ngokungena nasemkhakheni wokutshala ngoba ngiyawuthanda kakhulu futhi nendawo yokwenza lokho ikhona,” esho..


Phakathi kwezingqinamba athi zikhona kuleli bhizinisi, wukuthi kumele ube nemali eningi oyichithayo ngaphambi kokubona inzuzo. “Kulo mkhakha kuya ngokuthi wenzani. Ungayisebenza iminyaka ewu-5 ungayiboni inzuzo, kodwa amanye nje, njengokutshala iklabishi, ungasheshe uyibone inzuzo uma lokhu okutshalile kungabanga nezinkinga,” kusho yena. Uthe yilapho uthando lwezolimo kumele lube lukhulu khona ngoba uma ungumuntu osheshe adikibale, ngeke ulunge kulo mkhakha. “Kunabantu abaningi abangena kulo mkhakha bezitshela ukuthi bazoceba kanti lokho noma kungagcina kwenzekile, kodwa kunezinto eziningi ozoqale udlule kuzona. Kwesinye isikhathi ungasebenzisa izizumbulu zemali kulahleke konke.

“Kuke kwaba nezikhukhula ngasekuqaleni konyaka, kwathikamezeka abalimi abaningi abagcine belahlekelwa ngabebekutshalile. Abaningi leso simo besingabenza baphonse ithawula, kodwa izinto ezinjalo kumele uhlale uzilindele,” kusho yena. Uthi uyaye ajabule uma ebona intsha ifuna ulwazi ngoba izimisele ngokungena kulo mkhakha athi uwubona uyikusasa njengoba amathuba emisebenzi engekho nje. “Kunabantu abanemihlaba abahleli nayo, ngiyaye ngikhuthaze intsha ukuthi iwusebenze lowo mhlaba bese siyilekelela ekufuneni izimakethe sekukhona ekwenzayo,” kusho yena.







Previous articleUkudideka kwiPirates ngaphambi koweMTN8
Next articleBasola itulo ‘ngokuthunjwa’ kwendodakazi