LUCKY CAIN
UMLINGISI oqavile, uSibusisiwe “Sibu” Jili, ulaxaze umdlalo Uzalo kungakapheli nonyaka ewujoyinile ngenxa yokungagculiseki ngendlela abephethwe ngayo ngabanye ozakwabo. ILANGA Lempelasonto lithole ngemithombo yalo ukuthi uSibu odlala indawo kaNomkhosi Mhlongo, uqome ukunqamula inkontileka yakhe.
Umthombo wokuqala uthe uSibu (osesithombeni), ubehlale ekhala ngokungenami nangokuphatheka kabi kulo mdlalo. “Ubesebenza amahora angaphezulu kunalawo abewalindele kanti ubehlale ekhala nempatho njengoba ethi abanye ozakwabo – okubalwa kubona nabaqondisi – bebemphethe kabi,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uthe akuyena uSibu olaxaze lo mdlalo, kodwa yiwona omkhombe indlela njengoba bekunezikhulu zawo ebezingeneme ngaye. “Ngokwazi kwami, yena ubesazimisele ngokuqhubeka nokusebenza, izikhulu zakhetha ukuyinqamula inkontileka yakhe ngoba indawo yakhe beyingasenawo umthelela emdlalweni,” kusho umthombo.
Imibiko engaqinisekiswanga, ithi esinye sezizathu eziholele ekutheni lo mdlalo unqamule inkontileka yalo mlingisi, wukuthi uzithwele.
Ethintwa uSibu, ukuqinisekisile ukuthi nguyena oqome ukuwushiya lo mdlalo ngenxa yokungagculiseki ngezinto ezithile angathandanga ukuzidalula. Uthe ukhethe ukuhlaba ikhefu ngenxa yokuthi kuningi abebhekene nakho ngesikhathi eqopha kulo mdlalo. Ebuzwa ngokuzithwala okuthiwa uxoshelwe khona, uyichithe le mibiko. Uthe okwamanje usazothi ukuma kancane kulo mkhakha njengoba enezinhlelo zokusebenza ngemuva kwekhamera, ekhiqiza imidlalo kamabonakude.
Leli phephandaba liphinde lahabula nokuthi omunye oshiyayo kulo mdlalo, nguThembi Nyandeni odlala indawo kaNjinji. Kuthiwa inkontileka yakhe kayivuselelwanga njengoba kuqala isizini entsha yalo mdlalo.
Ngokwesitatimende esikhishwe yilo mdlalo, kulindeleke ukuba kuqale kubonakale abalingisi abasha kuwona njengoba izolo ngoLwesihlanu kuqale isizini yeshumi. Phakathi kwabalingisi abalindelekile, nguNtando Mncube, uLinda Sibiya, uMnqobi Kunene, uBandile Maphalala, uVusi Mdiniso, uLungani Mabaso noFaith Mgobhozi.