THANDOLUHLE NGUBO
UCHITHE eyokuzichamela kukammangalelwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, umshushisi obambile kuleli cala uMnu Ronnie Sibanda. Lokhu kulandela ubufakazi obethulwe nguMuzikawukhulelwa Sibiya, ongummangalelwa wesibili kuleli cala, izolo ngoMsombuluko, lapho etshele khona inkantolo ukuthi ngemuva kokuboshwa kwakhe, amaphoyisa awamfundelanga amalungelo akhe futhi awamtshelanga ukuthi uboshelwani.
Uveze ukuthi wabe esebuzwa ukuthi bambulala kanjani uMeyiwa, waphendula ngokuthi akazi lutho, nokwalandelwa ngukuwiswa phansi, wabe esekhahlelwa wancishwa umoya ngoplastiki ngamaphoyisa. Uthi ngesikhathi beqhubeka bemncisha umoya waze wazichamela.
Utshele inkantolo ukuthi ngemuva kwalokho wasiwa emjondolo wakhe eyokhumula ibhulukwe elalimanzi. USibanda uveze ukuthi lokhu okushiwo nguSibiya akwenzekanga, futhi akukho. Utshele inkantolo ukuthi uSibiya wayeshaywa yithimba lamaphoyisa elifanayo, futhi ngendlela efanayo, kodwa wangazichamela ngesikhathi eseshaywa okwesibili.
Ubike ukuthi ufakazi obethulwa yiphoyisa, uSayitsheni Botho Mogola buveza ukuthi uSibiya wazicelela yena ukuyoshintsha ngoba ekhala ngokuthi iziboshwa zizokweba ibhululwe lakhe elibizayo, lohlobo luka-Brentwood, akungoba wayezichamele. USibiya ukuchithile lokho.
USibanda uphinde wagcizelela ukuthi uSibiya wazenzela isitatimende, engaphoqiwe, kodwa wakuchitha nalokho uSibiya. Utshele inkantolo ukuthi wanikwa iphepha sekuthiwa akasayine ngemuva kokushaywa. Uthi noma engasayikhumbuli imibuzo ayeyibuzwa kodwa akuyona le ethulwe njengobufakazi enkantolo. USibiya uphinde wagcizelela ukuthi waze wakhetha ukuya ejele ngoba esabela impilo yakhe, uthi wamtshela ummeli wakhe ukuthi ukuthi ufuna ukuya ejele ngoba uzophepha kunasezitokisini. Leli cala liguqele ikusasa, lapho uSibanda ezoqhubeka nokuphonsa imibuzo kuSibiya.