Ummangalelwa ukhombe i-NIU ngokubalekela eSwazini kwabafowabo kwelika-AKA

289

THANDOLUHLE NGUBO

UVEZE ukuthi abafowabo ababhace eSwazini, babalekela amaphoyisa ophiko lweNational Intervantion Unit (NIU), adubula abulala abakubo abawu-6 ummangalelwa wesibili ecaleni lokubulawa komculi we-hip-hop, uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane. UZenzele Lindani Ndimande uveze lokhu namuhla eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngencwadi efungelwe, enezethulo zokucela ukukhululwa ngebheyili. Udalule ukuthi eminyakeni eyedlule umndeni wakhe wawusempini yamatekisi nomndeni wakwaGumede, bebanga ukuphatha usoseshini waseMalukazi, eThekwini.
“I-NIU beyifuna ukubulala wonke umndeni wakithi. Abafowethu; uSiyabonga Ndimande noMalusi Ndimande (abangabasolwa kuleli cala) banquma ukubaleka kuleli zwe ngenxa yokusongelwa yi-NIU eyayisohlangothini loGumede. Ngaphambi kokuba babaleke, amalungu eNIU afika ekhaya ngaphandle kwaseMpangeni ezobafuna, okwathi uma bezwa lokho bafudukela eSwazini,” kuchaza incwadi.


UNdimande uthe uzowaphika amacala abekwe wona, futhi umbuso kawunabo ubufakazi obanele obumhlanganisa naleli cala. Uphonsele umbuso inselelo wathi mawukhiphe ubufakazi obuhlanganisa nomuntu owazibonela enza amacala noma ukhombise ubufakazi bemilobo yeminwe (fingerprints) endaweni yesigameko. Uncenge inkantolo ukuba imdedele ngebheyili ngoba usaba ukusocongwa esitikisini. Uthe ingebhe iqutshulwa wukuthi abanye abafowabo bathathwa kuthiwa bayoboshwa, kodwa babulawa endleleni bengakafiki nasesiteshini samaphoyisa.
“Ngiyesaba ukuthi kungenzeka ngibulawe esitokisini. Iziphathimandla zejele ngeke zikwazi ukungivikela, yingakho ngicenga inkantolo ukuba ingikhulule ngebheyili,” esho.
Uveze ukuthi ibheyili angakwazi ukuyikhokha eka-R20 000 njengoba enamatekisi awu-4 amngenisela imali engango-R250 000 ngenyanga. uthe ungumculi kamaskandi, futhi ubuye abe ngumqaphi (bodyguard) kwesinye isikhathi. Ukulalelwa kokufakwa kwezicelo zebheyili zabammangalelwa ababili abasele, kuguqele ikusasa ngoLwesibili. Kuzokhumbuleka ukuthi izelamani zakwaNdimande eziboshwe eSwazini zaveza ukuthi zifuna ukunikezelwa kojele uma zibuyela eNingizimu Afrika ngoba zisaba ukubulawa yiNIU endleleni ebuyayo.

Previous articleUshayelwe ihlombe umsebenzi weNkandla Mayoral Cup entsheni
Next articleIkhuza ibuya iKings of the Weekend kwiGagasi FM