MFANAFUTHI NDLOVU
WEXWAYISA amakilabhu aseNingizimu Afrika abhekene nezigwebo zeFifa – ikakhulukazi zokuthi angasayinisi abadlali isikhathi esithile – ngengozi ewalengelayo uma eqhubeka nokungakhokhi, yize sesiphelile isigwebo, uTeboho Matlanthe ongummeli oke wasebenza emnyangweni wabadlali kwiSafa.
UMotlanthe ubekhuluma neLANGA ngeSonto ese-Upington lapho bekudlalwa khona owamanqamu wokuhlunga amakilabhu azokwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship (MFC). Ubehola ithimba lezomthetho leSafa ebelihlalele icala elithinta iThames FC yaseNorth West neKruger United yaseMpumalanga. IThames ibikhala ngokuthi i-United idlalise umdlali ongabhalisiwe ngendlela efanele ngesikhathi la makilabhu ebhekene kwi-semi final. Leli cala ligcine linqotshwe yiKruger United ehlulwe kowamanqamu.
UMotlanthe utshele leli phephandaba ukuthi uma amakilabhu engakhokhi kwiFifa, azandisela izinkinga. Uthe iFifa inawo wonke amandla okudlulela esigabeni sokwephuca amaphuzu amakilabhu angakhokhi. “Okunzima wukuthi isigwebo kasipheli ngoba nakhu isizini obugwetshwe yona isiphelile. Kusuke kusafanele uyikhokhe imali ngoba isikweletu kasiboli. Uzokhumbula ukuthi neMoroka Swallows, ngesikhathi izama ukuthengisa ikilabhu, yabanjwa ngobhongwane yisigwebo seFifa esasiyiphoqa ukukhokhela abadlali eyayibakweleta ngaphambi kokuba ukuthengiselana kuqhubeke. YiFifa ewukhiye kukhona konke,” esho.
KWESOKUNXELE nguTobogo Mtlanthe kanti kwesokudla nguBernard Yao Kouassi nesikhulu seTS Galaxy, uTim Sukazi.
UMotlanthe ukhuluma kanjena nje, iTS Galaxy isanda kugqenywa engeqiwa ntwala yiFifa, eyiyalele ukuba ikhokhele uBernard Yao Kouassi wase-Ivory Coast u-R1.8 million, yize engazange adlale nowodwa umdlalo kule kilabhu. Kuvela ukuthi kuqubuke izinkinga ngesikhathi kufanele lo mdlalo athumele amaphepha akhe, kwaze kwavalwa iwindi lokusayina abadlali, engatholakali. Kuthe uma iGalaxy ingakhokhi, yahlawuliswa ukungabasayinisi abadlali amasizini amabili. Nokho isikhulu sale kilabhu, uTim Sukazi, sigcine sithe sizokhokha ukuze kuphele lesi isigwebo.
NeRoyal AM ithwale kanzima ngesizini edlule, ingakwazi ukusayinisa abadlali ngemuva kokuhlawuliswa ngoba ingafuni ukukhokhela uSamir Nurkovic waseSerbia u-R12 million ngokunqamula inkontileka yakhe nale kilabhu. Le kilabhu yasayinisa lo mdlali, kodwa ngokuhamba kwesikhathi yathola ukuthi usayina nje, ulimele – yabe isinqamula inkontileka yakhe. UNurkovic wamangalela i-AM kwiFifa, layigojela icala.
IRichards Bay FC, esanda kunqoba imidlalo yokuhlungela ukungena kwiDStv Premiership, nayo isithembise ukumkhokhela u-Ovella Ochieng waseKenya u-R230 000 ukuze ivunyelwe ukusayinisa abadlali. USifiso “Jomo” Biyela, ongumnikazi wale kilabhu, uveze ukuthi lo mdlali ubabamba inkunzi ngoba bavumelana naye ukuba ahambe, kodwa ngokuhamba kwesikhathi, watshela iFifa ukuthi iBay
iyamkweleta.
mfanafuthin@ilanganews.co.za