PHUMLANI GAMA
KAWUZIMISELE ngokuphawula kwabezindaba ngezinsolo onazo ngababulali bendodana yawo, uKiernan “AKA” Forbes, umndeni wakwaForbes, osekuphele unyaka yabulawa endaweni yokudlela eseMorningside, eThekwini.
NgoLwesibili kuvele izindaba zokuboshwa kwabasolwa, kanti namhlanje, abawu-5 kwabawu-7, bebevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namhlanje. Laba basolwa nguMnu Lindokuhle Mkhwanazi (30), uMnu Lindani Ndimande (35), uMnu Siyanda Myeza (21), uMnu Mziwethemba Gwabeni (36) noMnu Lindokuhle Ndimande (29). Babhekene namacala okubulala u-AKA nongani wakhe, uTebello “Tibz” Motsoane, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanye nayisihlanu okuzama ukubulala.
Ekhuluma neLANGA uMnu Tony Forbes, onguyise ka-AKA, uthe akazimisele ngokuphawula kakhulu ngodaba lokubulawa kwendodana yakhe.
“Kodwa ngiyafisa ukusho ukuthi ukusebenza kwamaphoyisa ngalolu hlobo kubuyisa ithemba lokuthi uzogcina evelile owathuma ababulali ukuba babulale indodana yami. Kucacela noma ngubani ukuthi ukubulawa kwendodana yami kwahlelelwa imali. Nginethemba lokuthi inkantolo izosebenza ngokuzikhandla ukuze kutholakale umnyombo ngokubulawa kwayo,” kusho uForbes.
Inkantolo iyalele abasolwa ukuba basuse izifonyo ebusweni futhi bangazimbozi amakhanda. Batshelwe ukuthi bazogqunywa ezitokosini kuze kube yisonto elizayo lapho bezohlanganiswa nozakwabo ababili ababoshwe bebhace endlini abebeyiqashe edolobheni iMbabane, eSwazini. Leli cala lizobuyela kule nkantolo mhla ka-6 kuNdasa (March).