Umndeni kaShenge ubonga ukwesekwa

541

BHEKI NDLOVANA 

UMNDENI weNkosi Mangosuthu Buthelezi, uMntwana waKwaPhindangene, ubonga

ukwesekwa wumphakathi wonkana emuva

kokukhothama kukaShenge. 

Indodana yeNkosi uMangosuthu, uMntwana Ntuthukoyesizwe Zuzifa Maphikelela Buthelezi, ikhuluma neLANGA, ithe bewumndeni baswele amazwi okubonga. 

“Kasinawo amazwi okuthi singabonga sithini. Sifisa sengathi ngabe besinemilomo eyizinkulungwane, engingazi noma nayo ibiyokwenela yini,” isho. 

Ithe: “Impela nathi kasikaze siyibone into enje, siphelelwe ngamandla ukuthi kanti uthando lwakhe  (uShenge ebantwini) lungaka. Abantu bayazi ukuthi uMntwana ubebhala ziphi izincwadi ezinhliziyweni zabo, (ezibenze) baphuma bagcwala izinkalo kanjeyana. 

“Le nto esiyibonile isiqede amandla. Futhi-ke akuvamile neze ukuthi endaweni eyodwa ungafica bonke ababengomenga-meli baleli zwe abathathu nomengameli okhona (ophethe izwe), kuze kube noke waba ngumengameli kabili eNigeria, uMnu Olusegun Obasanjo, owayengumngani omkhulu nomhlobo kaMntwana.” 

Uthe ukukhothama kweNkosi yakwaButhelezi kubephule kakhulu umoya, futhi kusazothatha isikhathi eside ukuba baphole. 

Uthe noma sebekhulile bona njengabantwana beNkosi uMangosuthu, kodwa ngeke nanini bakwazi ukuvala indawo yayo. 

Utuse uyise ngokuthi ubafundisile, wathi akazi ukuthi uMntwana bangambonga kanjani ngabenzele khona. 

“Sethemba ukuthi uNkulunkulu nezithutha zangale, bayosibongela kuMntwana noma besimbonga esaphila. Sesithembela kuye uNkulunkulu ngokumemukela nje kwakhe emuva kokuba esemuphe iminyaka emingaka yokuphila,” kusho uMntwana uZuzifa. 

bhekin@ilanganews.co.za

www.ilanganews.co.za

Previous articleOweChiefs uphawula ngabadlali bakhe ababili
Next articleUbonga akaphezi onikwe owokufihla uShenge