NONHLAKANIPHO SHINGA
ISIQUBULE ukukhathazeka emndenini wakwaNdlela, eLincoln Meade, eMgungundlovu eyokunyamalala kwendodakazi yawo ehambe iyokwenza inhlolokhono yomsebenzi. Okunye okukhathaza umndeni kaNkz Andiswa Ndlela (27), wukuthi uthumele umqhafazo othi ngeke abuye kubo, okuyinto angayenzi. ILANGA likhulume no-Nkz Thuthu Ndlela, ongudadewabo kanina ka-Andiswa, olitshele ukuthi uhambe ephethe isikhwama esincane, engaziphethe izimpahla. Ushiye ingane enemi nyaka emithathu angahlukani nhlobo nayo. “Okusithuse kakhulu wukuthi ucingo lwakhe beseluvaliwe uma sithi siyamfonela ngemuva kokuthumela kwakhe umyalezo ethi uzofika ngemuva kwesikhathi,” kusho uNkz Ndlela.
Uthi basola ukuthi kukhona okumehlele umntakadadewabo ngemuva kokuphuma kwi-nhlolokhono ngoba abehambe nabo bathi uphume kuqala wathi kubona uphuthuma ekhaya. “Kunomunye wabangane bakhe abehambe naye othi umbuzile ukuthi uma bephuma kwinhlolokhono bazoyaphi, wathi yena uphuthuma ukubuyela ekhaya ngoba ingane isele nogogo,’ kusho yena. “Sicela abangaba nomkhondo wakhe basilekelele njengomndeni,” kusho yena. Ngokwamaphoyisa aseMgungundlovu, kuvulwe idokodo lokunyama-lala komuntu esiteshini sase-Alexandra. Kwabangaba nolwazi kucelwa bashayele amaphoyisa akulesi siteshi. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za