Umndeni udidekile ngelungu elingcwatshwe wumndeni ongaziwa

168

SKHOSIPHI MTHEMBU 

SISHIYE umndeni wakwaMtolo, eMthwalume udunguza ebumnyameni isigameko sokushona kwelungu lawo, maqede langcwatshwa wumndeni ongaziwa, emuva kokuba unikwe isidumbu salo ngamaphoyisa. 

ILANGA lithole ukuthi umndeni kaMnu Sbusiso Joe Mtolo (osesithombeni) wehla wenyuka uzama ukuthola umndeni okubikwa ukuthi ungcwabe isidumbu sakhe. Ngokuthola kwaleli phephandaba, umndeni kamufi wagcina ukumbona mhla ka-14 kuNhlaba (May) eya kubangani bakhe. 

Kubikwa ukuthi emuva kwesikhathi, kuvele ukuthi washayiswa yimoto, washona. Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa, lithi abakufunayo wukuthi kuyombiwa isidumbu ukuze bezosingcwaba bona. “Emuva kokuba uSbusiso enyamalele, siyile emaphoyiseni, asitshela ukuthi lo muntu esimchazayo washayiswa yimoto wafa, wathathwa wumndeni wasePort Shepstone, owafike wakhomba ukuthi isidu-mbu sakhe ngesawo. 

“Amaphoyisa asitshele ukuthi azoqhathanisa izithupha ayemgingqise zona (finger prints) phambilini ngesikhathi etholakala eseshonile, ukuqinisekisa ukuthi ngabe nguyena ngempela yini lona esikhuluma ngaye. Ibuyile imiphumela, yakuqinisekisa ukuthi ngumfowethu ngempela lona,” kusho ilungu lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, kuze kwashaya isikhathi sokuloba engakayiphenduli imibuzo yaleli phephandaba.  

skhom@ilanganewa.co.za 

Previous articleUmndeni “uthethelela” isoka kwelokubulawa kwentombi
Next articleAbafundi badonswe ngendlebe ngamaTVET college