JOHN HLONGWA
UDIDEKILE umndeni wenduna yesiZwe saKwaThoyana, eMbumbulu, uMnu Simphiwe Msweli (75), ngokudutshulwa kwayo ibulawe ngoLwesihlanu ebusuku isanda kuvala isitolo sayo, njengoba uthi ibingakaze ibike ukuthi kukhona exabene nabo. Ngokusho kwendodana kamufi – obeyinduna esigodini oDidini – uMnu Mhlengi Msweli (23), ugesi ubungekho ngesikhathi kweleleswa uyise.
“Ngithathe ezinye izisebenzi zasesitolo ngazihambisa ezindaweni ezihlala kuzona. Ngisendleni, ngifonelwe ngudadewethu engibuza ukuthi siphephile yini esitolo, uzwa kuqhuma izibhamu. Ngithe kangizwanga lutho, kodwa ngajikisa imoto ngabuyela esitolo. Ngifike ngazithela phezu kwesidumbu sakhe emotweni, bese kukhala ibhungezi esitolo. Ngicabanga ukuthi abamdubulile bebemcuthele esangweni. Kubukeka sengathi baqale ukumdubula ephansi waze wangena emotweni, bamqedela khona. Abalelwa ku-30 amagobolondo ezinhlamvu. Silimele kakhulu, ubaba ubeyikho konke kithina,” kuchaza indodana.
ILANGA likhulume neNkosi yaKwaThoyana, uNhlosoyesizwe Hlengwa, ezwakalise ubuhlungu nokudumala ngokubulawa kwenduna.
Umdidiyeli wamabutho alesi sizwe (uMhlabuhlangene), uMnu Gobizizwe Makhanya, uthe sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwezinduna eMbumbulu. “Sizwakalisa ukukhala nokudabuka ngalesi sehlo. Ngonyaka odlule singcwabe izinduna ezintathu, uMnu Walter Ngcobo waKwaThoyana, uMnu Ngubane waseSimbothimuni noMnu Squmfe Mkhize owangenelwa ngabantu emini kwabha, bethi bayocela inxiwa,” kubeka umdidiyeli.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMbumbulu aphenya amacala amathathu, elokubulala, elokuzama ukubulala nelokweba isibhamu.
hlongwaj@ilanganews.co.za