Umndeni udidekile ngokubulawa kwekhansela “ebelizingelwa”

338

SKHOSIPHI MTHEMBU noLUCKY CAIN

LIDUTSHULWE labulawa ngoyaba lwezinhlamvu ikhansela le-ANC, kwalimala ababili ebelihamba nabo esigamekweni esenzeke ngoLwesithathu ntambama kwa-A, eMlazi. 

Kubikwa ukuthi uMnu Mzwandile “Nganono” Shandu obeyikhansela kuwadi-7, kuMasipala waseMkhambathini, ushonele endaweni yesigameko, abehamba nabo baphuthunyiswa esibhedlela, belimele kanzima. 

Ngokuthola kweLANGA elizifikele mathupha endaweni yesigameko, umufi nabehamba nabo bebesemgwaqweni uVeni Yeni, eMlazi ngesikhathi kuqhamuka imoto engaziwa, abasolwa bavulela ngenhlamvu. 

Imoto ebihamba ikhansela iphaphalazile yashayisa isigxobo, yangena egcekeni lomuzi obuseduze. ILANGA lifike endaweni yesigameko amalungu omphakathi eme izixongololo. 

Amalungu omndeni wekhansela nawo abesefikile, emi wodwa, kubonakala ukuthi adangele. 

Umgwaqo ubusuvalwe ngamaphoyisa kukhona abehamba nezinja. ILANGA lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje, ngenyanga edlule uMnu Shandu usinde edutshulwa esigamekweni esasiKwaMahleka, eMbumbulu. 

Ilungu lomndeni ebelisendaweni yesigameko – elingathandanga negama lalo – lithe badidekile ngokuhlaselwa komfowabo njengoba esanda kusinda kwesinye isigameko esifanayo. Litshele leli phephandaba ukuthi ligcine ukubonana nomufi ngeledlule. 

Lithi yize ebeyikhansela eMkhambathini, kodwa ubenomuzi eMlazi, enezingane futhi eshadelwe. 

“Sethemba ukuthi abasindile sebeyosichazela ukuthi kwenzekeni ngoba okwamanje nakithi kusemnyama, kasazi kwenzekeni. 

“Nangesikhathi ehlaselwa eMbumbulu, sezwa ukuthi wayepake imoto, kwaqhamuka umuntu ongaziwa wamdubula, ngenhlanhla wasinda. Kuyacaca ukuthi kulokhu bese kufike isikhathi, konke sikushiya emaphoyiseni,” kusho leli lungu lomndeni. 

Kwenzeka lokhu nje, kubikwa ukuthi ngo-2021, kwahlaselwa umuzi wakhe uMnu Shandu, kwadutshulwa, kwashona umuntu oyedwa, kwalimala ababili. 

Ngokwemibiko, uMnu Shandu ubengusihlalo we-municipal public accounts commitee (Mpac) okuyikomidi elibhekelela ukusetshenziswa kwemali kamasipala. 

UMnu Shandu wake wabhekana necala lokuzama ukubulala nomshana wakhe ngonyaka odlule ngemuva kwezinsolo zoku-hlasela ilungu le-ANC, kubangwa isikhundla sobukhansela ewadini abeyihola. 

Okhulumela uMasipala wase-Mkhambathini, uBuyi Mthiyane, uthe sebezwile ngalolu daba, kodwa ngeke bakwazi ukuphawula ngalo ngenxa yokuthi basazama ukuthola imininingwane egcwele ngokwenzekile. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asevule icala lokubulala namabili okuzama ukubulala, 

bekungakaboshwa muntu. (Lolu daba luphume ephephandabeni layizolo)

Previous articleSesizofaka izicelo ukuqabuza abafazi bethu
Next articleIveze eyokuhlukunyezwa ingoduso ethinteka kwelokubulala umyeni