
UMNDENI wesilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMbekezeli “TLB” Mbokazi (20), uveze ukuthi unesifiso sokubona indodana yawo igijima kwenye yamaligi aphambili ase-Europe, njengoba lesi sitobha sishiya iBucs emuva kokuthengwa yiChicago Fire yase-United States of America (USA).
UMbokazi – ongowokuzalwa KwaNibela, eHluhluwe – uzifake ezinhliziyweni zabathandi bakanobhutshuzwayo kuleli ngokudlala ingcwenga yebhola kwezikaMagebhula, okuhehe neso lomqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ongananazanga ukumfaka esikwatini sakhe esilwele ngempumelelo ukungena kwiNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngonyaka ozayo e-USA, eCanada naseMexico ngokubambisana.
Lo mdlali ukhona naseqenjini likaBroos elilungiselela ukuyomela izwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ezoqala ngeSonto isongwe ngomhla ka-18 kuMasingana (January) eMorocco. Lesi sikwati sizo-dlala neGhana kowokuvivela i-Afcon kusasa ngoLwesibili ngo-16h00 eDobsonville Stadium, eSoweto, bese si-thatha indiza ebhe-ke eMorocco ngo-Lwesithathu.
NgoMgqibelo odlule iTLB igijime umdlalo wayo wokugcina kweZimnyama ngesikhathi ziguqisa iMarumo Gallants ngo-1-0 kowamanqamu weCarling Knock-out obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo. Ubengekho lo mdlali nabo bonke ababizelwe kwiBafana ngesikhathi iBucs ihlula ngo-2-0 iCarling All-Stars, kubangwa iCarling Cup ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IPirates iyikilabhu yokuqala ukunqoba zombili izinkomishi zakwaCarling ngesizini eyodwa. NgoLwesithathu olwedlule kusabalale imibiko yokuthi lo mdlali ushiywe yibhanoyi obekufanele ahambe ngalo esuka eThekwini elibangise ekhempini yeBafana, eGauteng.
UMnu Mbongiseni Mbokazi onguninalume weTLB, utshele ILANGA ukuthi umshana wakhe uqede umdlalo wakhe wokugcina kwiPirates, wabe eselibangisa eHluhluwe ukuyovaleliswa. Uthi usuku lonke lwango-Msombuluko bebehleli naye bewumndeni.
“Ngaphambi kokuba siphume, siqale ngesigaba lapho senze khona izinto ezithile zasemsamo, sibika ngohambo lwakhe kwabangasekho. Phela nxa umuntu ephuma ekhaya kuyabikwa. Nathi sibikile kubanikazi begceke. Kubuye kwaba nomkhuleko womndeni obuvulelekile nakomakhelwane, njengoba umshana eseyodlala ezweni elikude nathi.
“Sikwenzile nalokho okuyaye kwenziwe nakweminye imizi, kokuthi uma umuntu ehamba anikwe iziyalo. Obekuhamba phambili kube wukumkhuthaza ukuba angalinge enze iphutha lokukhohlwa yilapho evela khona. Angakhohlwa wumndeni, angakhohlwa yindawo adabuka kuyona. Ngimkhumbuzile ngokubaluleka kokuziphatha kahle ngoba ekugcineni kwakho konke, kusemsebenzini lapho eya khona,” esho.
Uqhube wathi banesifiso sokumbona egijima kwenye yamakilabhu amakhulu emhlabeni, ikakhulukazi lawa ase-Europe.
“Siwumndeni sikhulekela ukuba ngolunye usuku simbone edlala ibhola kwenye yamakilabhu amakhulu ase-Europe. Sinethemba lokuthi ngolunye usuku siyofezeka isifiso sethu ngoba usemncane uMbekezeli. Sikuthokozele ukuzwa ukuthi usethengwe ngo-R50 million ngenye yamakilabhu aphesheya kwezilwandle. Impumelelo yakhe isithokozisa sonke lapha ekhaya, ngisho nogogo wakhe uyajabula ngokuhlala ezwa izindaba ezimnandi ngomzukulu wakhe,” kuphetha uMbokazi.







