UMNDENI UKHUNGATHEKILE KUNYAMALALA UBABA WEKHAYA

304
NGUMNU Sithembiso Shelembe (72) onyamalele.

THANDI ZONDI
KUDUMA amakhanda emndenini wakwa Shelembe, eShakaskraal, eNkobongo, osekuphel amasonto amathathu ubaba wekhaya uMnu Sithembiso Shelembe (72), engaziwa. Kuthiwa wanyamalala ngemuva kokuphuma endlini eyochama emnyango ebusuku. ILANGA likhulume nendodakazi kaMnu Shelembe, uNkz Nomfanelo Shelembe (30), othi sebehambe kwaze kwavuvukala amaqakala, bezama ukubheka uyise kodwa kabamtholi. “Waphuma endlini eyochama ebusuku, sabona engasabuyi kanti sekuwukunyamalala kwakhe,” esho. Uthi uyise unesifo sokuwa, ubuye aphazamiseke nasemqondweni, kepha imishanguzo yalezi zifo uyayisebenzisa.


“Ungumuntu ongahlangana naye, ungazitsheli nokuthi ubuye aphazamiseke. Uziyela yena emtholampilo ayolanda amaphilisi, kwesinye isikhathi kuhambe umama. “Nangesikhathi enyamalala, wayekade ephile saka, kungekho okusolisayo,” esho. Uthi wanyamalala egqoke ihembe nebhulukwe kokubili okumnyama. UNkz Shelembe uthi ngemuva kokuba bekhiphe isithombe sikayise bezama ukumbheka, bathole umkhondo obumkhomba emtholampilo oseBallito kodwa bangamfica. Ngemuva kwalokho kukhona othe umbone emgwaqweni onguthela wayeka (freeway) nakhona bangamthola. “Sicela noma ngubani onolwazi asisize. Kasisakhathalele ukuthi simthola ekusiphi isimo, inqobo nje uma simtholile,” ephetha.


Ongaba nolwazi angaxhumana nomndeni kwinombolo ethi: 083 884 7684 noma athinte amaphoyisa aseduze. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthi likhona icala elivuliwe lokunyamalala komuntu. Amaphoyisa asaphenya.

Previous articleUbeke iDundee neNingizimuAfrika ebalazweni lomhlaba
Next articleKufe umfundi kubangwa intombi