Udutshulwa ngoMgqibelo nje, namuhla ngoLwesine ubezofakaza
SKHOSIPHI MTHEMBU
USULALA obenyoni umndeni wakwaMakhaye, eMpendle emuva kokudutshulwa kukafakazi ecaleni lokudutshulwa kubulawe indodana yawo ngonyaka odlule eMgungundlovu. Ufakazi ecaleni lokubulawa kukaMnu Nhlakanipho Makhaye (20) (osesithombeni)-okusolwa kulona owesilisa obengumqeqeshi kwenye yamakilabhu ama-amesha aseMgungundlovu umufi abeyidlalela
- udutshulwe ngoMgqibelo kanti icala liyangena namhlanje ngoLwesine. Lokhu sekwenze umndeni kamufi waba novalo futhi wasola ukuthi lena yindlela yokuthuntubeza icala. Unina kamufi, uNkk Nompumelelo Makhaye, uthi ukudutshulwakukafakazi, ongukanina kamufi, owayekhona kubulawa indodana yakhe, kumvusela iminjunju. Uthi nabo bewumndeni bazizwa bengaphephile. Uthi kumanje umndeni ubhunga eyokumbhacisa ufakazi ngoba bayabona ukuthi akaphephile. Elandisa ILANGA ngokwenzeka ngelanga lesigameko, uthi indodana yakhe yayihambe nabangani bayo beyobuka ibhola kwesinye sezitolo.
“Uma sizwa ngababekhona, kwathi sebeqedile ukubuka ibhola, kwaba nengxabano yezingane kuphikiswana ngalo ibhola. “Umsolwa waqhamuka ngemoto yakhe wama eduze nabo, wabuza ukuthi kwenzekani, kanti indodana yami izohleka. “Ngaleso sikhathi wabe esekhipha isibhamu wayidubula. “Abebekhona lapho okubalwa nelungu lomndeni leli elidutshuliwe, bayiphuthumisa esibhedlela naye umsolwa. “Ngakusasa, wafika lapha ekhaya ehamba nenduna ezoxolisa ngokwenzekile. Wasitshela ukuthi empeleni ubelamula, ebathusa, kwadubuleka indodana.
“Okwasixaka wukuthi ngesikhathi udokotela ehlola indodana yami, kwavela ukuthi idutshulwe kabili esiswini. “Umthusa kanjani umuntu udubule amahlandla amabili ubhekise kuyena? “Indodana yami yagcina ngokushona esibhedlela emuva kwezinsukwana ngoba yayilimele kanzima,” esho. Uthi kubathusile ukuthola umbiko mayelana nokudutshulwa kwengane kadadewabo ngempelasonto, okwenza basole ukuthi inhloso bekuwukucima ubufakazi. Uyise kamufi, uMnu Thulani Makhaye, uthi ukudutshulwa komuntu owazibonela kudutshulwa indodana yakhe, kumshiye nemibuzo eminingi engaphenduleki. “Siwumndeni kaseneme ngendlela izinto ezenzeka ngayo. Lo mfana odutshuliwe, wazi ukusuka nokuhlala kwesigameko ngoba wazibonela.
“Ngesonto eledlule, umphenyi wecala ubeyile kuyena, engicabanga ukuthi ubeyokhuluma into ephathelene necala, kasingabazi ukuthiukudutshulwa kwakhekuhlobene naleli cala,” esho. Esigamekweni sokubulawa kukaNhlakanipho, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, ukhona umsolwa oboshiwe oneminyaka ewu-36. Uthe umsolwa usevele izikhawu ezahlukene enkantolo. Kulindeleke ukuba avele namuhla eNkantolo yeMantshiyaseMgungundlovu. Mayelana nesigameko sangempelasonto, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala emuva kokuthi owesilisa oneminyaka ewu-25 ubudala, edutshulwe walimala, wabe esephuthunyiswa esibhedlela. Uthe akukaboshwa muntu. skhom@ilanganews.co.za