Umndeni uphumela obala ngesimo sikaZahara

243

NGEMUMVA kokusabalala kwezindaba zokungeniswa kwentandokazi yomculi kuleli uZahara, umndeni wakhe sewukhiphe isitatimende esiqinisekisa lokhu.
Umndeni uveze ukuthi sekuphele isonto lo mculi elaliswe esibhedlela ngenxa yezinhlungu emzimbeni, usalinde eminye iminingwane kodokotela abamxilongayo. Kulesitatimende umndeni uphinde wakhala ngokusabalala kweminingwane yokugula engesilo iqiniso ngoZahara, bathi okuyikho kuzokhishwa yibo emakhasini akhe ezokuxhumana.
Umndeni ucele ukunikwa ithuba lokubhekana nalesi simo, wabonga uthando nokwesekwa.

Previous articleUMkokstad ugoduke neyeBest Song Writer kumaCrown
Next articleKufezeke isifiso sowe-gospel egoduka nezindondo