Umndeni usocongwe ngowuhlasele egqokise okowesifazane

305

Kuthiwa umbulali ungene efake iwigi nengubo, wavulela ngenhlamvu

KUSUKELA kwesokunxele nguNkz Babalwa Mokoena, uMnu Mokhele Mokoena, uNkz Nobesuthu Mokoena, noMnu Siyabulela Mokoena bonke abadutshulwe
babulawa ngumuntu obegqokise okowesifazane.

SKHOSIPHI MTHEMBU

UNGENE endlini egqokise okomuntu wesifazane umbulali oqothe amalungu amane omndeni wakwaMokoena, eMagedemsini, eKokstad, ngoLwesine. Kulesi sigameko kushone uMnu Mokhele Mokoena (62), uNkz Nobesuthu Mokoena (60), uMnu Siyabulela Mokoena (34), noNkz Babalwa Mokoena (32), kwalimala kanzima izingane eneminyaka ewu-7 no-14. Umndeni wakwaMokoena uthi ufisa nokubaleka endaweni kulandela lesi sigameko. Kuthiwa kwale ngisho izingane sezicela kumbulali ukuthi azixolele kodwa waqhubeka wazidubula, wazishiya ezitshela ukuthi zifile. Kusukela kwenzeke lesi sigameko, umndeni uthi kawubazi ubuthongo njengoba uveze ukuthi uyesaba ukuthi umbulali angabuya azoqedela akuqalile.


Ilungu lomndeni elicele ukungadalulwa ngenxa yokwesaba, lithi kusakude ukuba likhohlwe yisithombe samalungu omndeni edindilize phansi. Lithi lesi sigameko senzeke kusanda kubuya ugesi, kuyoshaya ihora lesikhombisa kusihlwa. “Umndeni ubuhleli wonke endlini, kuthe kusanda kubuya ugesi, kwangqongqoza umuntu obengqoke iwigi, efake nengubo obungathi ngumuntu wesifazane. UBabalwa uvule umnyango, lomuntu akazange akhulume lutho kodwa uvele wavulela ngenhlamvu, ube esedlulela kumama (kaBabalwa) uNobesuthu naye wamdubula. “Nalaba ababili uMokhele noSiyabulela basukumile bezwa isibhamu, nakubona wangabuza lutho wabadubula. Ngaleso sikhathi izingane ebezisekamelweni zikhishwe ukuqhuma kwesibhamu.

Izingane zikhale zacela umbulali ukuthi angazidubuli zimbiza ngoanti zizitshela ukuthi ngumuntu wesifazane. Akazange azixolele uvele wazidubula. Enye eneminyaka ewu-6 uyidubule esiswini kwathi eneminyaka ewu-14 wayidubula ngasentanyeni. “Abambonile esephuma endlini, bathi babone ngaleso sikhathi ukuthi ngumuntu wesilisa lona ngoba ubesezikhumulile izimpahla zabesifazane,” kusho ilungu lomndeni ebelizwakala ukuthi lithukile. Litshele ILANGA ukuthi namanjebasadidekile ukuthi ngubani lona ohlose ukubazwisa ubuhlungu ngale ndlela ngoba akekho umuntu abaxabene naye. “Kuyimanje siyesaba ukuhlala lapha endlini ngoba kasazi ukuthi umbulali ubehlose ukwenzani.


Ngisho ebusuku kunzima ukulala ngoba akekho umuntu esimaziyo esike saxabana naye emndenini ukuthi engaze enze isihluku esinjena,” kusho ilungu lomndeni. UMnu Kwanda Madikizela oyimeya yaseKokstad, uthe ibuhlungu kakhulu into eyehlele lo mndeni njengoba azifikela endaweni yesigameko izidumbu zingakathathwa. Uthi bewumasipala bakhuthaza umphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa ukuze kuzobanjwa umbulali. “Umbiko ngawuthola ngabe sengishayela amaphoyisa, into esiyifice lapha iyathusa, ukubona izidumbu zilele phansi ngaleya ndlela,” kusho yena. Uthi izigameko zokubulawa kwabantu ziya ngokwanda kuleya ndawo, uthi uyafisa ukuba umphakathi usebenzisane namaphoyisa ukulwisana nalesi sihlava. Uthe basazobhunga ngokuthi bangawulekelela kanjani umndeni wakwa- Mokoena kulesi sikhathi esinzima. Okhulumela amaphoyisa Kwa- Zulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe amacala amane okubulala kanye namabili okuzama ukubulala bekungakaboshwa muntu.
skhom@ilanganews.co.za

Previous articleKushiswe amanye amaloli (6) eKZN
Next articleIPirates ijabulise abalandeli bayo