Umndeni usola ababeshutha isoka libulala ilungu lawo

531

PHUMLANI GAMA

BELIQALE ngokumthela ngamanzi abilayo isoka lakhe owesifazane wasoSizweni, eNewcastle, okusabalale isithombemnyakazo (video) ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala owesilisa egwaza ephindelela owesifazane. 

Lesi sigameko senzeke ngeledlule ngehora lesikhombisa. 

Ngenkathi kudlala lesithombemnyakazo, kuzwakala omakhelwane bebabaza unya nesihluku esenziwa ngumbulali. 

Namanje akucaci ukuthi yini esuse ingxabano phakathi kukaNkz Phindile Vilakazi (34) (osezithombeni) nesoka lakhe.

Ekhuluma neLANGA uNkz Nokwazi Vilakazi ongudadewabo kamufi, uthe akafisi ngisho nokusibona lesi sithombemnyakazo ngenxa yencazelo ayithole emalungwini omphakathi asibonile. 

Uthe kubaphathe kabi ukuthi omakhelwane bebeshutha okwenzekayo kunokuba balekelele udadewabo. 

Uthe umufi nesoka lakhe bebehlala ngokuxabana, owesilisa esola owesifazane ngokuthi unelinye isoka. 

Uveze ukuthi inkinga yabo yaqala ngoNcwaba (August) kophezulu, kwaze kwaba kuhlanganiswa imindeni, isoka laxolisa, lathembisa ukuthi ngeke liphinde limhlukumeze umufi. 

“Laze lakhokha ngisho inhlawulo, licela uxolo emndenini nakuyena udadewethu. “Kasazi ukuthi yini esuse impi phakathi kwabo ngoba udadewethu akukho lapho ake wabika khona ukuthi lo muntu usephinde waqala phansi ukumhlukumeza. 

“NgoMgqibelo ngemuva komdlalo wamanqamu weMTN 8, ngaxhumana nodadewethu, saxoxa kwaba mnandi nje, wangabika ukuthi kunenkinga phakathi kwakhe nomuntu wakhe. “Ngishaqeke sengifonelwa kuthiwa usebulewe yilona isoka lakhe. Banezingane ezimbili, besebehlala ngokwehlukana, udadewethu esebuyele ekhaya ngoba edinwa wukuthi umuntu wakhe uyamhlukumeza, uyamshaya,” esho. 

Uqhube ngokuthi kubaphathe kabi ukushuthwa kwesihlobo sabo sibulawa. “Okuzwisa kakhulu ubuhlungu yisenzo sabantu abebekhona kwenzeka lokhu, ngoba bekufanele benze noma ngabe yimiphi imizamo, balekelele ingane yakwethu kuleli bhoklolo, liyibulala. 

“Siwumndeni kamufi kasilivulanga icala ngobasifuna yena umbulali azositshela ukuthi kube yini imbangela yokuthi afinyelele kulesi sinqumo,” kusho uNkz Vilakazi. 

Previous articleI-IFP ishaya amakhala ngohlelo lwama-number plate amasha
Next articleUbezingelwa usomatekisi obulawe nonogada wakhe