Kwaboshwa inkosikazi, ishende nenkabi ngokufa komyeni
NOMFUNDO NGWANE
ISITHOMBE: YISIHE SOMNDENI
UMNDENI usola amaphoyisa aseMpangeni ngokugwazelwa ukuze alahle bonke ubufakazi ngokudutshulwa kubulawe indodana yawo eMatshana, khona eMpangeni.
Lo mndeni ukhala ngokudunguza ehlathini lobumnyama ngodaba lokubulawa kwendodana yawo, uMnu Thulani Mthiyane (44), owadutshulwa wabulawa ekuqaleni konyaka odlule, okugcine ngokuba kuboshwe inkosikazi yakhe (umufi) engumhlengikazi (elisigodlile igama layo), “isoka layo” “nenkabi”.
ILANGA likhulume namalungu omndeni wakwaMthiyane, acele ukuba agodlwe amagama awo ukuwavikela ngenxa yobucayi bodaba, akhale ngokuthi asedidekile ngokuqhubeka kuleli cala.
Athi ngisho umphenyi walo useyaziqhathulula uma ebuzwa ukuthi kuqhubekani ngalo. Kuthiwa leli cala selishintshe abaphenyi kaningi.
Ngokuthola kwamalungu omndeni, uMnu Mthiyane wadutshulwa wabulawa ephuma ukuyohlangabeza inkosikazi yakhe emsebenzini.
Athi inkosikazi ifonele umyeni wayo isendleleni iphuma emsebenzini, ihamba ngemoto yayo, yacela ukuba umufi ayihlangabeze ngoba kukhona engakuboni kahle.
Kuthiwa umufi uyihlangabeze ehamba ngemoto yakhe. Kuthiwa sebesendleleni bebheke ekhaya, belandelana ngezimoto zabo, inkosikazi yehlisa isivinini, kwaqhamuka ababulali badubula bephindelela kumufi, washonela endaweni yesigameko.
Umndeni uthi uqale ukusola uMnu Mthiyane engakangcwatshwa ukuthi umalokazana wabo uyathinteka ekubulaweni kwakhe.
Kuthiwa uphenyo lwamaphoyisa lugcine luholele ekutheni ngoNhlaba (May) wonyaka ophelile kugcine kuboshwe inkosikazi, ishende layo nenkabi eyodwa.
Kuthiwa laba baphume ngebheyili ekupheleni konyaka ophelile.
Umndeni uthi selokhu baphuma laba kabakaze baphinde bavele enkantolo, uma bebuza umphenyi wecala ukuthi bazovela nini enkantolo ukuyoqhubeka nokuqulwa kwecala, ungena ezintangeni, akaphumi nezwi eliqondile.
Bathi uyabakhohlisa abatshele ukuthi usalinde usuku abazobizwa ngalo enkantolo enkulu.
“Okusikhathazayo siwumndeni wukungaziwa kosuku okumele bavele ngalo enkantolo. Uma sibuza umpheyi wecala akaphumeli obala, uma sifuna umhlangano naye ukuze asichazele kabanzi ukuthi yini ebambe ukuba kutholakale usuku abazovela ngalo enkantolo, uyasibalekela.
“Sesizame kaningi ukuxhumana namanye amaphoyisa ngaphakathi kulesi siteshi sifuna ukuthola kabanzi ukuthi kuqhubekani ngaleli cala kodwa wonke angena ezintangeni.
“Kumanje kasazi ukuthi lisekhona yini icala noma selihoxisiwe,” kusho amalungu
omndeni wakwaMthiyane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, weluleke lo mndeni ukuba uxhumane nomphathisiteshi ukuthola konke okuqhubekayo ngaleli cala.
nomfundo@ilanganews.co.za