Umndeni “uthethelela” isoka kwelokubulawa kwentombi

190

Kusolwa inhlangano elwa nobugebengu endaweni

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UMNDENI “uthethelela” isoka elishaqwe ngamaphoyisa emuva kokutholakala kwesidumbu sentombi yalo oThongathi ngeledlule – ebelisanda kuhlukana nayo kade liyiphelezela – sinamanxeba okudutshulwa. 

Umndeni kaNkz Yonela Matshata (19), uthi isidumbu sakhe sitholwe sidindilize emgwaqweni. Ilungu lomndeni elikhulume neLANGA lithi kalikholwa ukuthi owesilisa (isoka lakhe) othathwe ngamaphoyisa uyathinteka kulesi sigameko. 

Ngokomthombo weLANGA, uNkz Matshata udutshulwe ngabenhlangano elwa nobugebengu endaweni. Uveze ukuthi ngaphambi kokuba abulawe, amalungu ale nhlangano abematasa, ehla enyuka ebheka owesilisa obesolwa ngokweba. “Indlela ebinodlame ngayo (inhlangano), ibihamba iqhumisa izibhamu. Yingalo lolu suku okuzwakale ukuthi sekudutshulwe intombazane. Indlela le nhlangano ebiziphethe ngayo, yiyona eyenza ziqine izinsolo zokuthi yiyona eyenze le nto,” kusho ilungu lomphakathi. 

UMnu Andile Shezi ongumfowabo kamufi, uthe konke sebekushiyele emaphoyiseni, kodwa nabo banakho ukunqikaza ngokuthathwa kwesoka likamufi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala, uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleIzikhulu zebhola kuleli zizobola yizigwebo zeFifa ngokusayinisa “izinkomo” zangaphandle
Next articleUmndeni udidekile ngelungu elingcwatshwe wumndeni ongaziwa