Ubheke lukhulu kumgadli wase-Ethiopia obatshazwayo
MFANAFUTHI NDLOVU NOMZWAMANDLA ZONDI
UPHONSA inselelo yokuzibamba ziqine kubadlali abasha beMamelodi Sun-downs uManqoba “TV” Mngqithi ongumqeqeshi wale kilabhu ezoqala amalungiselelo okuvikela izicoco ezintathu ezinqobe ngesizini edlule kwiPremier Soccer League (PSL). IDowns iqophe umlando ngesizini edlule inqoba zonke izicoco ebezidlalelwa kwiPSL; okuyi-MTN8, iNedbank Cup neDStv Premiership. UMngqithi utshele ILANGA ukuthi nakuba ejabule ngokuhlabana kwale kilabhu ngoSipho Mbule obengumdlali wasesiswini weSuperSport United no-Abu-beker Nasir ongumgadli obebatshazwa kwi-Ethiopia Coffee, ko-dwa laba badlali banomthwalo wokulwela ijezi kumaSandawana ngoba liyajulukelwa, kalitho-lwa ngenxa yegama.
Uthe ukholwa wukuthi u-Abu-beker uzoqhubeka nokuvutha phambi kwamapali. UMngqithi osebenza ngokubambisana noRhulani Mokwena benoSteve “Mphathi” Komphela uthi indlela u-Abubeker adlala kahle ngayo eqenjini lakhe lesizwe, ukholwa wukuthi uzokwazi ukusiza iDowns njengoba izogijima imidlalo ethothelene ngesizini ezokwethwasa. Ngaphandle kwemidlalo yemiqhudelwano yePSL, iDowns izomela iNingizimu Afrika kwiCaf Champions League. “Ngiyazi ukuthi u-Abubeker ubegijima kwiligi yase-Ethiopia, abanye bazothi kayikho nzima nakakhulu kuneDStv Premiership, kodwa okusinika amandla nomfutho wukuthi naseqenjini lesizwe lakhona, amagoli uwaqhulula sengathi uyabukisa.
“Lokhu kukodwa, kuyasijabulisa kakhulu. “Simsayinise ngoZibandlela (December), kepha sahlela ukuthi aqhubeke kwezakhe ukuze asijoyine ngokuqala kwesizini ngokusemthethweni. “Sisamhlola kahle njengoba sesizoqala amalungiselelo. Okuhle wukuthi usethelekile kuleli, usabhekwa ngodokotela bekilabhu, nokuthike asheshe ajwayele indawo njengoba sizoqala amalungiselelo. “OkukaMbule kuyathokozisa njengoba esevele eseqalile uku-ba yingxenye yekilabhu, kuyakhombisa ukuthi ufunani njengoba esabhekwa ngabagxile ekubeni qatha kwabadlali. Thina njengethimba labaqeqeshi, simdinga esekulungele ukudlala. “Nginalo ithemba lokuthi uzokwazi ukusheshe angene egiyeni esimdinga ekulona. “Kumele akuqonde ukuthi kuzomele alilwele ijezi. “Phela bonke abadlali kwiSundowns kusuke kumele bazibambe ziqine ukuze bathole isikimu,” kusho uMngqithi owazakhela udumo eqeqesha iLamontville Golden Arrows kaMato Madlala.