UMngqithi “usola inzondo” kwabathi akayilungele iDowns

355

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uManqoba “TV” Mngqithi uthi uma kukhona onombono wokuthi akakulungele ukulolonga le kilabhu, lowo ngumuntu obudedengu, kumbe onenxa naye noma othunywe ngabathile ukuba amdicilele phansi.

IDowns iyinhlekisa kubathandi bebhola kulezi zinsuku njengoba ikhishwe yiStellenbosch kwiSemi Final yeMNT8, iyihlula kuyona yomibili imilenze. Abanye abalandeli bale kilabhu bavutha bengabaselwe nje-ngoba befuna uMngqithi aqheli-swe. Abanye balibeka ngesihloko elokuthi iDowns iyamusinda. 

Manqoba Mngqithi head coach of Mamelodi Sundowns during the 2024 MTN8 Semi Final 2nd Leg match between Stellenbosch FC and Mamelodi Sundowns at Empangeni High School , in Durban on 01 September 2024 © Sydney Mahlangu/BackpagePix

UMngqithi uthi akanalo noluncane uvalo ngesimo sakamuva sale kilabhu ngoba unesiqiniseko sokuthi basazowaphendula amatafula izinto zibuyela esimweni. “Ngokujwayelekile, indlela oqala ngayo isizini akuyona oyivala ngayo. Ngifunde lukhulu la kwiSundowns. Ngesizini engifike ngayo la kwiSundowns, abadlali abaqale isizini akubona abayiqedile, ko-dwa sayinqoba iligi. Okufanele sikuqonde wukuthi iningi lalaba badlali ligijime imi-dlalo eminingi, ngokujwayelekile lokho kuyabakhinyabeza abadlali. Kulula ukugxeka, kodwa iqiniso ngalesi simo wukuthi kufanele sizame ukwenza abadlali bazalwe kabusha ukuze bezokwazi ukusisiza. Kangikholwa ukuthi kukhona ongaba nesizathu sokuthi ngeke ngikwazi ukulolonga iSundowns. 

“Ngikholwa wukuthi uma kukhona ocabanga kanjalo, ubudedengu kumbe unenxa nami. Kungenzeka futhi ukuthi ngabe uthunywe nga-bathile ukuba asho lezo zinto ezi-zojabulisa labo bantu. Uma nje ku-khona ocabanga ukuthi ngeke ngi-yilolonge iSundowns kuyangima-ngaza lokho,’’ ku-sho uMngqithi.  

UMngqithi ufike kwiDowns eyokuba yise-kela likaPitso Mosimane ngo-2013, esuka kwiLamontvi-lle Golden Arrows. Ngo-2020 kuya ku-2022, unikwe isihlalo sokuba ngumqeqeshi nokho wabuye wephucwa sona sanikwa uRhulani Mokwena. Sekuwumlando ukuthi uMokwena usekwiWaydad Casablanca yaseMorocco  ayijoyi-ne emuva koku-chithwa yiDowns.   

Previous articleUjikelwe yinyanga osolwa ngokubulala umkakhe owayenguthisha
Next articleKusolwa izinkinga ngokundonda kokubuya kweShaka Ilembe