umnikazi wejoyinti ubopha amaphoyisa

753

NOMFUNDO NGWANE

uMnu David Ngcobo

IMENENJA yendawo yokucima ukoma eMfazazane, eMthwalume, ivulele amaphoyisa icala, iwasola ngokuyivulisa le ndawo ngenkani maqede azitapela utshwala aseyibopha.

Uyaveva wukudinwa uMnu David Ngcobo ngalokho akubiza ngokugasela kwamaphoyisa asesiteshini saseHibberdene, ethaveni ayimenenjayo afika kuvaliwe, kungekho muntu kuyona, amthungatha aze amthola ehleli kubo kamngani wakhe, amthatha ahamba naye amyisa ethaveni. 

Uthi afike amvulisa ngenkani, athatha bonke utshwala obebuphakathi ashaya achitha nabo.

UMnu Ngcobo, obezwakala ngisho ocingweni ukuthi uthukuthele ngesenzo samaphoyisa, uthi indawo yabo yokucima ukoma ivaliwe njengazo zonke izindawo ngemuva kwesimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokuvala thaqa izwe ukuzama ukunqanda ukusabalala kweCovid-19. 

Uthi nabo balandele imithetho, bayivala le ndawo, watshela izisebenzi ukuba zihlale emakhaya zize zibuye uma sekuphele izinsuku eziwu-21 ezibekiwe.

“Kangiphikisani nokusebenza kwamaphoyisa futhi kangihambisani nokudayiswa kotshwala ngendlela engalungile njengoba izwe livaliwe. Into engikhala ngayo yindlela amaphoyisa asebenza ngayo. 

“Afonelwe ngumuntu ewatshela into engamanga namaphoyisa akukholwa lokho, angivulisa ithaveni, athatha notshwala yize efice ivaliwe (ithaveni),” kusho uMnu Ngcobo.

Uthi bambophile bamdedela ngebheyili ka-R1000, bamtshela ukuthi utshwala bakhe uyoze abuthole uma esevele enkantolo walinqoba icala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivulelwe amaphoyisa, kusenziwa uphenyo, bekungakaboshwa muntu.

Previous articleIngwadla kwabamnyama ngabazobulawa yi-COVID-19
Next articleUNXUSA AMAKRESTU UKUNGABI NAMAGQUBU NOHULUMENI