UMntwana uMbonisi uchitha uRamaphosa kolwesitifiketi

214

BHEKI NDLOVANA

INKANTOLO eNkulu yasePretoria – ebilalele icala lombango wesihlalo sobukhosi baKwaZulu – izwe ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa wenza okuphambene nomthetho ngokukhipha isitifiketi esigunyaza ngokusemthethweni iSilo uMisuzulu, ekubeni wayazi kahle ukuthi sasisazophikiswa isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu, eyathi singofanele ukungena esihlalweni. 

Lokhu kushiwo izolo ngoLwesithathu ngummeli kaMntwana uMbonisi, uMnu uThabani Masuku. UMntwana uMbonisi uphikisa ukuqokelwa esihlalweni kweSilo uMisuzulu. 

Ummeli kaMnu Ramaphosa uMnu Marumo Moerane, ngoLwesibili utshele inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe elingummangalelwa wokuqala kuleli cala, lathatha isinqumo sokwamukela igama leSilo uMisuzulu, lakhipha isitifiketi, lisusela esinqumeni sejaji, uMnu uMjabuliseni Madondo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. 

UMnu uMasuku uthi empeleni naye uMengameli Ramaphosa emaphepheni asenkantolo, uyakuvuma ukuthi wayetsheliwe ukuthi kwakusazofakwa isicelo sokusiphikisa isinqumo sikaMnu uMadondo. 

Ezethulweni zakhe uMnu Ramaphosa – ngomlomo wommeli wakhe – ubemile kwelokuthi yena wathatha isinqumo esifanele ngokwamukela igama leSilo uMisuzulu, wakhipha isitifiketi.  

President Cyril Ramaphosa during the official opening of the 3rd Basic Education Lekgotla at Birchwood Hotel in Boksburg. 21/01/2019 Kopano Tlape GCIS
Previous articleUphenyo ngokufa kwezinhlanzi ngasenkampanini ebhunqiswe wumlilo
Next articleUkhihle isililo ibandla limnika indlu kanokusho